Ugwetshwe iminyaka engu-8 unogada oweba u-4million

SAMUKELISIWE MBONAMBI

UBathobile Mlangeni, owayenguNogada eMall of Africa eMidrand, ulahlwe yicala lokweba u-R4 million ngesikhathi esemsebenzini. Lowesifazane wabanjwa kumakhamera e-CCTV ephuma edepho yemali ephethe oplastic abamnyama abegcwele imali.

Lo nogada wakwazi ukubalekela amaphoyisa isikhathi esingaphezu kweminyaka emibili kwathi ngoJanuwari 6, 2022 iGauteng Flying Squad yamubopha eZola, eSoweto.

UMlangeni osolwa ngokweba imali ngesikhathi esemsebenzini waphinde wanyamalala nayo utshele inkantolo ukuthi bahlela ukuphanga nozakwabo uLisa Galdien. UMlangeni uchaze ukuthi yena noGaldien babazi ukuthi ngesikhathi besemsebenzini kuzoba nemali eningi, base benquma ukuyifihla kuplastic. Ngemva kweshifu uMlangeni wayilanda imali.

Eqhuba echaza uthe kuke kwathi esabaleka umfowabo wamushayela ucingo ethi akazinikele kodwa yena wanquma ukumnika ingxenye yakhe engu-R2 million futhi akakaze ambone umfowabo kusukela lapho kodwa ngemva kosuku enikeze umfowabo le mali waboshwa.

UMlangeni akakwazanga ukukhipha imininingwane yokuthi ikuphi imali eyebiwe noma umfowabo.

UBathobile wabanjwa emzini kaVangille Dlamini(82) eZola, eSoweto, lapho ayekade ehlala khona. UGogo uDlamini uthe ubengazi ukuthi ufukamele isigebengu kwaze kwafika amaphoyisa kwakhe, UDlamini uqhube wathi uMlangeni akazange aphile impilo yobukhazikhazi ngesikhathi ehlala naye.

INkantolo yeMantshi yase-Alexandra ngoLwesithathu, 08 Mashi 2023, imgwebe iminyaka engu-8 azoyibhadla ejele ngecala lokweba.