SHEILA MHLONGO
“Siwuhulumeni waKwaZulu-Natali sizoqalisa uhlelo ngokubambisana nomnyango wezaseKhaya inhlangano ezimele yokhetho u-IEC ukuqeqesha abantu abasha ngamalungelo nokuvikela inqubo yethu yentando yeningi.
Ikusasa lentando yethu yeningi likubantu abasha, kuzona zonke izindawo sifisa ukudlulisa umyalezo wokuthi abantu abaphume bayovikela intando yeningi ngokuthi bavotele amakhansela azobambisana noHulumeni ekusheshiseni izidingo zabantu.
Kumele sivotele ubuholi obuqotho obuzobeka izidingo zethu phambili, sifuna ubuholi obusikhathalele, obungeke busincikisele ngobuqembu ukuze sisebenze noma ufune kuhlanganwe nabo ngasese ukuze uthole umsebenzi”. Kusho uNdunankulu uNkk Nomusa Dube-Ncube ngesikhathi ethula inkulumo yakhe ngosuku lwamalungelo abantu.
UNdunankulu uDube- Ncube ubonge umphakathi obuphume ngobuningi bawo, ukuzothamela umcimbi womgubho woSuku lwaMalungelo aBantu (Human Rights Day). Obubanjelwe eMondlo ngaphansi kukaMasipala waseBaqulusini ngoMsombuluko womhlaka 21 Mashi.
Eqhuba inkulumo yakhe uNdunankulu uDube-Ncube uyale umphakathi ukuthi uqikelele ukuthi lamalungelo asezuziwe awabuyeli emuva.UNdunankulu uphinde wayala umphakathi waseBaqulusini, ngokuthi amalungelo yinto ekumele ihlonishwe, ngoba akekho onelungelo lokuphuca omunye umuntu ilungelo lakhe.
“Kusukela namuhla masizibophezele ukulwa nezigameko zokulwa nokuxhashazwa kwamalungelo abantu besifazane, abadala kanye nezingane.
Kubuhlungu kithina singuhulumeni ukuzwa ngezehlakalo zobugebengu lapho kubulawa khona imindeni, ngenxa yokuthi mhlawumbe owesifazane usebenzise ilungelo lakhe lokuzikhethela ukuthi ubudlelwane akubo akasabufuni. Emasontweni edlule besikhuza umhlola lapha singenelela odabeni olwenzeke kwaNongoma lapho owesilisa ebehlukumeza khona izingane ezinye ezineminyaka emihlanu. Lona wumuntu obesondelene nomndeni kodwa wona unganakile. Lokhu kufanele kube yisifundo kithi sonke Kunoma yiziphi izinqumo esizithathayo kufanele sichelele lempande yenkululeko nokuhlonishwa kwamalungelo ethu njengezakhamuzi. Amalungelo ethu ayifagugu lethu lomzabalazo okufanele silivikele zikhathi zonke”. Kuphetha uNdunankulu

