THOBILE MBATHA
Ofakazi BakaJehova emhlabeni wonke sebebuyele ngokugcwele emihlanganweni emikhulu lokhu kulandela ukuma isikhathi eside ngenxa yeCOVID 19.
Kuleminyaka emithathu edlule, lemibuthano siyibone yenzeka ngezobuchwepheshe. Umhlangano uzoba se-Greyville Convention Centre, e-Allan Paton Hall, e-The Venue Shongweni, ePietermaritzburg City Hall, eBriardale Primary School, eMaritzburg College, e-Amanzimtoti Civic Phakathi kuka-Mashi no Meyi 2023.
Ekhuluma nephephandaba lomphakathi IKZN Namuhla uMnu. uLogan Moonsamy ongumkhulumeli woFakazi BakaJehova wesifunda,uthe “Sajabula ukuthola isiqondiso esimayelana nokubuyela emihlanganweni emikhulu. Ukucabanga ukuthi sizobuyela ekubeni ndawonye ngaphansi kophahla olulodwa njengomndeni kuqinisa ukholo ngokuqinisekile sizokujabulela ngaphezu kwalokho, sibheke phambili ekufundeni izigijimi zeBhayibheli nabangani bethu nomakhelwane abazimisele ukuhlanganyela nathi emihlanganweni emikhulu neyebandla.”kusho uMoonsamy.
Ukuze uthole okwengeziwe ngezinye zezihloko okuzobe kuxoxwa ngazo ngosuku lomhlangano, sikumema ukuba uvakashele le-Website www.jw.org noma uchofe le- linki 2022-2023 Circuit Assembly Program With Circuit Overseer (jw.org)!.