Bakhothame kuBayede abahleli bomcimbi weNgoma ukuthola izibusiso

THOBILE MBATHA

Bakhothame eSilweni samaZulu, uMisuzulu kaZwelithini, abahleli bomcimbi “Ingoma Kazwelonke” okulindeleke ukuthi ube ngoJuni kulonyaka, emhlanganweni obukwelinye lamahhotela eBallito mhlaka 04 Ephreli. Lomcimbi kuzobe kungokwesibili wenziwa njengoba owangonyaka ophelile wawusePeople’s Park, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

ISilo sasiyingxenye yawo. uMnu. Xolani Mcineka noMnu. Sibongiseni “Mageza” Mbambo bekhuluma nabezindaba bathe, bajabule kakhulu ngokuhlangana neSilo. “ISilo siyayithanda kakhulu ingoma, phela iyisikompilo lama-Zulu. Ngaleyo ndlela, besingeke siqale sibike ingoma kwenye indawo ngaphandle kwaseNdlunkulu kaZulu. Sijabule nangokuthi iSilo sisinike isiqiniseko sokuthi nakanjani sizoba yingxenye yomcimbi,” kusho uMnu. Mcineka oseyinqwele ekuhleleni imicimbi ehambisana nesintu.

Uphinde wakhuluma ngezinhlelo abanazo kulo nyaka njengoba ngonyaka odlule kwaba nezikhalo, ikakhulukazi izibukeli zingakwazi ukubona kahle amagoso egida ngenxa yokungahleleki kahle kwendlela yokuhlala. “Kulo nyaka sihlele ukwakha unqenqema oluzohlala izibukeli ukuze zibone kahle amagoso azobe ehleli phansi. Sihlele nokuthi izibani zibe khona,” kusho uMnu. Mcineka.