THOBILE MBATHA
Konke kuhambe kahle emcimbini wamaCiko obuhlelwe uMnu. Avela Avipo Mtshali obubanjelwe eDurban Habour by Wilson’s Wharf Kudta mhlaka 15 Ephreli 2023 ngoMgqibelo emini.
Ekhuluma nephephandaba lomphakathi u-Avipo uthe, into enginayo ukuthi uma ungumuntu akufanele ukuthi ulinde okukhulu ukuze wenze into kepha kufanele usebenzise lokho okuncane okukhona ukuze uthole okukhulu. Udlulise ukubonga kuwona wonke amaCiko ebehambele umcimbi kanjalo namakhosi abedidiyelwe (3 Kings) Avipo, Lethu Nkwanyana kanye noDokotela Mfanakagogo.
Uphinde wathi inhloso yomcimbi ukukhombisa abantu ukuthi ababhali bezinkondlo nabo benza umsebenzi obalulekile ezimpilweni zabantu njengoba abanye bethinta izimpilo zabantu beze bekhale uma belalele. “Ngiyafisa imicimbi ekanje iqhubeke njalo ukuze ikhono lethu njengabantu abasha lingashabalali sibonga nokwesekwa iKZN Namuhla Community Newspaper.” esho.
Umphathi wohlelo bekungu Mnu. Mxolisi Mtshali we Zulu love letter kanti abanye abazivezile kulomcimbi sibala u-Sizwe Nation, Suphablek,Mike Makhosini nabanye abaningi. Uma ungathanda ukuxhumana no-Avipo ungamthinta kulenombolo: 081 303 6364