UMancane Mkhize weGubhela Media uthi uma engaxhaswa ngabe usiziwe

THOBILE MBATHA

UMsunguli weGubhela Media Film Makers aphinde abe umculi weGospel uMancane Mkhize ucela ukuxhaswa ngematerial kanye nemali ukuze akwazi ukumelana nemisebenzi yakhe.

Ekhuluma nephephandaba lomphakathi iKZN Namuhla uthe, “ngiqale ngonyaka ka-2007 ukucija abathanda ukuqeqeshwa kwa-Film Making, Script writing, acting classes kanye nezomculo yikho ngicela uxhaso ngoba anginayo indawo eqondile yokufundisa abafundi bami kanti nematerial efana nama-computer anginayo.

Njengoba ngenza umsebenzi wokuqhuba amakhono  entsha kwaGUBHELA MEDIA. Kuyaye kungilimaze kwesinye isikhathi ngiswele material yokwenza umsebenzi wami kwesinye isikhathi imisebenzi yami iyalahleka lokho kungibuyisela emumva kwazise sengenze  amaShort Film awu-3: IFALAMI, UKUBENGANGAZI kanye NONTETHELELO namaseries awu-2 athi,IMFIHLO bese kuba ISTHEMBU.”

Eqhuba uthe, noma ubani ofisa  ukumsiza  noma ukuqeqeshwa engaxhumana ukuqala afunde ngamanani aphansi  shayela kulenombolo: 062 423 6493/066 158 8809, email: gubhelarh media02@gmail.com noma kufacebook: Gubhelarh Media Film Maker. ephetha.