Sihamba phambili isithembu sakwaMsomi esincane

THOBILE MBATHA

Insizwa yaseMsinga esizakhele igama ezinkundleni zokuxhumana ngokuba nesithembu isencane, uNjabulo Msomi (29), ithi yona namakhosikazi ayo asemancane, uLesego Motsepe (23) no-Amahle Mthembu (19), bayofa balahlane.

Lokhu kulandela ukusabalala kwezithombe zakhe namakhosikazi akhe amabili ahlale eshutha nawo, okukhombisa ukuthi ayazwana. UNjabulo uthe imfihlo eyenze waba nesithembu kule minyaka akuyona ukuba neqiniso emakhosikazini akhe njengoba engakufi

hlanga akufunayo kuwo.

“Ekhaya isithembu asikho kodwa ngenxa yokufuna ukwandisa umuzi wakithi, kula ngathatha khona isinqumo sokuba namakhosikazi amabili. ULesego ngowase-Orange Farm kanti u-Amahle ngowaseNkandla. Isifiso sami kwakuwukuba nekhaya elifudumele futhi umuzi esesiwakhile emakhaya ubenomuntu ozohlala kuwo,” kusho uNjabulo.ezinkundleni zokuxhumana.

“Ukungena emabhizinisini kungisize ngakwazi ukwenza izinto zami ngisemncane. Konke enginakho kuqale ngisebenza enkampanini yezimoto lapho ngahlangana nabelungu abangisizile kakhulu ngasebenza nabo, ngagcina ngokuvula ezinye izinkampani zokwakha nezonogada engazivula nabo”.

“Amakhosikazi ami ngisebenza nawo njengoba kukhona nendawo yokucwala izinwele esinayo. Ngahamba ngayofunda ngomkhakha wamabhizinisi nokukhangisa, okwenza izinto zaba lula futhi ngathembeka kozakwethu esasivule nabo amabhizinisi,” kuphetha uNjabulo.