Iphephandaba iKZN Namuhla lethula ithuba eliyingqayizivele lokuqokwa kwamaCiko ukuthi angenele iKZN Namuhla Artist Awards 2023. Lelithuba livulelwe abalandeli ukuthi baziqokele bona amaCiko abafisa ukuthi angenele ama-Awards.
UMhleli wephephandaba iKZN Namuhla uNksz Sheila Mhlongo uchaze wathi kulonyaka ka 2023 ngenyanga kaSepthemba, iphephandaba liqeda iminyaka engu 25 labakhona ngakho babone kukuhle ukuthi bagubhe lonyaka ngokuhlonipha amaCiko ngalomcimbi we KZN Namuhla Artist Awards baphinde bahlanganise nokugubha inyanga yamaSiko.
Eqhuba uMhleli uthe enye inhloso yokuqhuba lomcimbi weKZN Namuhla Artists Awards ngenyanga kaSepthemba ukunikeza amaCiko asafufusa ithuba lokuthi nawo avelele ukuze athole ithuba lokwaziwa emphakathini.
Bonke abalandeli abafisa ukuziqokela amaCiko abawathandayo bazosebenzisa uhlelo lokufaka igama leCiko ekhasini lephephanda kuFacebook nakuWhats’App. Lapho beyobhala khona igama leCiko, iStage Name,inombolo yocingo yeCiko, uhlobo lomculo (genre) noma umsebenzi weCiko okungaba umculo, umhayi wezinkondlo nokunye.
Ukuqokwa kwamaCiko kuzokwenzeka izinyanga ezimbili, uMeyi kuvalwe ekuphelweni kuka kuJuni lapho wonke amaCiko aqokiwe ayobe esaziswa ngocingo ukuthi aqokiwe ukuze angenele lokho okuyosho ukuthi kumele agcwalise amafomu ahambisana nemali engu R50 wokungenela ama-Awards bese enikezwa neCode ezosetshenziswa ilabo abayobe sebethumela ama SMS okuvota.
UMhleli wephephandaba iKZN Namuhla ugcizelele ngokuthi bonke abalandeli abafisa ukuqoka noma ukuphakamisa amagama amaCiko abo abawathandayo bangadlulisa umyalezo ezinkundleni zokuxhumana kanye nakuma group oWhats’App abakuwo ukuze iCiko lithole abantu abasukela ku50 kuya 100 ngoba isona sibalo esiyosiza iCiko ukuthi likwazi ukungenela ukuvotelwa okuyoqala ekuqaleni kwenyanga ka Julayi kuze kube isonto lokuqala kuSepthemba lapho kuyobe sekuqala ukubalwa amavoti. Kuyobe sekumenyezelwa usuku nendawo lapho umcimbi uyobanjelwa khona.
Ephetha uMhleli uthe uthanda ukukhuthaza bonke abalandeli ukuthi baphuthume bathumele imiyalezo yabo ekhasini leFacebook:@KZN Community Newspaper noma kuWhat’sApp namba yephephandaba: 079 467 9297. Lapho bezophakamisa khona igama leCiko, Stage Name, uhlobo lomculo (genre) kanye nenombolo yocingo yalo iCiko. Umlandeli angalibali ukubhala igama lakhe.
KZN NAMUHLA ARTISTS AWARDS CATEGORIES
Mayelana nemikhakha ezobe ingenelwa amaCiko azovotelwa ngohlelo lwe-SMS uma eseqedile ukuphakanyiswa amagama awo kuzobe kuyilawa
GOSPEL
- Best gospel group
- Song of the year
- Best new comer
- Best female & male (Solo)
- Best traditional gospel
MASKANDI
- Best maskandi group
- Song of the year
- Best new comer
- Best female & male
HIP-HOP
- Best new comer
- Song of the year
- Best female & male
- Best hip-hop group
AFRO-POP
- Best afro-pop group
- Best new comer
- Best female & male
- Song of the year
ISICATHAMIYA
- Best isicathamiya group
- Best new comer
- Song of the year
BEST COMMUNITY RADIO STATION
- Best female & male presenter
- Best radio show
- Best community radio
- Best poet
- Best Dj
- Best Comedian
- Best NPO
- Best graphic designer
- Fashion Designers
- Best Photographer
- Best Artist Ambassador
- Editor’s Special Awards
- Disabled people on the move.
ARTISTS ENTRY CRITERIA
- Each artist should be nominated by atleast 50-100 and above people to qualify to be a nominee.
- Artists will be nominated via our facebook page and whats’App.
- We can have entry forms that will cost R50
Uma udinga ulwazi olwengeziwe ungaxhumana nehhovisi lephephandaba kulezinombolo ezilandelayo 069 349 4717 noma 079 467 9297 (Whatsapp) ukuphumelela komuntu omnyama kusezandleni zomuntu omnyama.

