UMsizi Mvune (26) owenza umculo weGqom ongokwokudabuka endaweni yase Fakazi kodwa ngokomsebenzi utholakala eStanger. Ungene endimeni yezomculo kusukela ngonyaka ka 2010 lapho akhipha khona iAlbum esihloko sithi Iphupho kanye neEP esihloko sithi eSoweto.
Ekhuluma nephephandaba iKZN Namuhla uthe ufisa ukwazisa abalandeli bakhe ukuthi ubaphathele omculo omusha abazowuthokozela kanti uthi uyafisa ukuthola ukuxhaswa kanye nokuqashwa uma kunemicimbi. Uyatholakala kuma Digital Music platform nomunye osazophuma omusha uzotholakala kuwowonke amaPlatform uyatholaka kuFacebook page-@Sounder Musiiq,kuTikTok-Sounder Musiiq, WhatsApp number -0629854646
UMsizi Mvune owenza umculo weGqom ufisa ukuqashwa uma kunemicimbi

