THAMI SHESHANE
I KZN Namuhla ibambisene ne Fellaz Groove Entertainment baqhuba umkhankaso womunika abaculi inkundla yokuzibonakalisa njalo ngoLwesihlanu e Workshop ohlelweni abalubiza nge Open Mic Friday.
U DJ Verge we Fellaz Groove onesikole samaciko esifundisa umculo nokudlala amapuleti kanye nabasakazi uthi uLwesihlanu lungusuku lapho enika abaculi abakhulayo ukuthi bashiyelane inkundla basine bededelana namaciko aphekwe kulesisitebela somculo esise Sangro House ku Smith Street EThekwini.
Lesikole sesiqeqeshe ngisho osaziwayo abafana no Mzokoloko ongumsakazi, u Kay Sibiya odlala Uzalo ukubala abambalwa. Lo DJ onenoni elisha sha kumadigital platforms aqoke kulo u Joocy elithi “Izolo” ugqugquzele amaciko ukuthi alisebenzise lelithuba abanikwa lona e Workshop.
“Siyi Fellaz Groove sihambisana nephephandaba i KZN Namuhla ukuzonika amaciko i platform. Thina e Fellaz Groove siyafundisa, siqeqeshe bese sinika ama Artists ethu ithuba lokudlala emcimbini yangaphandle, ema clubbin kanye nasezindaweni ezifana ne Workshop.” Kusho u DJ Verge obetshela abathandi bomculo abebegcwele e Workshop.
Loluhlelo lugabe ngabaphathi balo bohleloabafana noNtshebe wodumo lwamahlaya obuye abonakale ku Mkhokha kumabonakude no Njabulo MC oseneminyaka engaphezu kweyishumi ethatha uhlelo e Workshop obesebenza nabantu abaningi. U Njabulo uthe amaciko ase Thekwini akafike azobhalisa njalo ngoLwesihlanu nawo ajabulise abantu akukhethwe bala lamuntu.
UNkosi Ntombela ophinde abe ngumsakazi, oyintatheli ye KZN NAMUHLA uveze ukuthi luhamba kahle uhlelo lokuqokela amaciko kowe KZN NAMUHLA ARTISTS AWARDS evulele bonke abalandeli bomculo ukuqoka abaculi ababathandayo ngokuthumela igama leciko, inamba nohlobo lomculo lwalèlociko aliqokayo enambeni yephephandaba lika Whatsapp ethi 079 467 9297 noma ekhasini lika Facebook KZN Namuhla Community Newspaper.