NKOSIE NTOMBELA
UMasipala weTheku usumemezele ukuthi idolobha uhlelo olusha oluchitshiyelwe lokucishwa kukagesi oluqale ukusebenza kusukela zingama-25 kuNhlaba wezi-2023. Lokhu kuza emuva kokuthi uMasipala weTheku ebe nezingxoxo mayelana nazo izinhlelo ezintsha zokucishwa kukagesi.
“Yize ingqalasizinda yedolobha ingakalungiswa kahle ngokuphelele emva kwezikhukhula, idolobha liyasivuma isidingo sezwe sokwehlisa umthwalo ukuze kuvikelwe ugesi kazwelonke. Ngakho-ke sekuyinto engeke igwemeke ukuthi iTheku libuyele ezigabeni ezijwayelekile zokucisha ugesi ngendlela okwenzeka ngayo ezweni lonke,”. kusho isitatimende.
UMkhandlu weTheku ukuqaphelile ukuthi ezinye izindawo zisaqhubeka nokubhekana nomonakalo wezikhukhula, futhi ngenxa yalokho, ezinye iziteshi ezincane azikwazi ukucishwa ngoba lokho kungaba yingozi enkulu kubahlali nengqalasizinda.
.
“Izabelo zama-Suburban blocks zichitshiyelwe ukuze kuhlangatshezwane nezinguquko ezidingekayo. Amakhasimende ayanxuswa ukuthi abheke izindawo eziseduzane nezinombolo zawo zamabhulokhi amasha lapho uhlelo lushicilelwa.
“Izindawo ezinezimboni ezinkulu zabelwe iBlocks 17 kuya ku-20 futhi izovalwa kusukela ku-Stage 7 kuya phezulu isikhathi esingamahora amane ngesikhathi. Lokhu kulindeleke ukuthi kunciphise umthelela wokucishwa kukagesi emkhiqizweni,” kusho isitatimende.
Amakhasimende anxuswe ukuthi anciphise ukusebenzisa kwawo ugesi futhi aphinde acime nezinto ezisetshenziswayo ezilayisha kakhulu ngesikhathi ugesi ucisha ukuze kunqadwe ukunyuka kukagesi.

