THAMI SHESHANE
Izinkunzi zomculo wesintu zenze okwake kwenziwa uPhuzekhemisi, Ihhashi elimhlophe no Mfazomnyama ongasekho ngesikhathi behlanganyela I Albhamu bakhipha amanoni ayefana nesixaxambiji bezibiza Izingqungqulu Zomhlaba eminyakeni eyedlule. UMgqumeni ongasekho naye bake bahlangana no Mfiliseni Magubane bazibiza ngeZinsimbi.
Akujwayelekile ukuthi kube khona amaqembu kamasikandi akhiwe ngabaculi asebevelele, kujwayeleke ukuthi baqokane kuphelele lapho.
Lezi zinkunzi zikamaskandi okunguMthandeni Manqele owaziwa ngeGcokama Elisha, uGadla Nxumalo, uDumakahle owaziwa nge Phathas kanye no Thokozani Langa umfoka number 4 yibona asebehlanganile bakhipha leliqembu elibizwa nge 4×4. Lababaculi abaqhamuka KwaZulu-Natali ezindaweni ezahlukene bazokhipha lelicwecwe nje bakhuza ukubulawa kwamakhosi.
Ingoma ethi “Amakhosi” yiyona single elindelwe ngabalandeli bomculo. Yize lezizinsizwa zijabulise abaningi kodwa kukhona idlanzaba elithi ngumlilo wamaphepha lo ophenjwa yilezi nsizwa.
Lababaculi bafake isithombe ekubonakala kuyiyona khava yecwecwe labo ezinkundleni zokuxhumana ngokwehlukana kodwa akekho ocacisile kubo ukuthi kwenzakalani. Sebekhona ke nalabo. Okucacile ukuthi abantu baphawulile ngaleli qembu, ukuthi bayaleseka noma abaleseki kuzobonakala mhla ziphumela obala, kodwa isaqhubeka imibono kubathandi bamaskandi emaqoqweni ka Facebook nakumakhasi abo.
Izingwazi Zika Maskandi Neqembu Elisha

