ISiyabalungisa Youth Organisation Isikhiphe isimemezelo lapho imema khona abantu abasha ukuthi baphelele ngothi lwabo emcimbini wabo abantu omayelana nomkhankaso okuthiwa UKHUZUMHLOLA kubantu abasha ababalekekwe inhlonipho.
Lomcimbi uzobe wenzelwe kwaNdaya Makethe.Usuku kobe umhlaka 24 June. Isikhathi ngo:9.00 ekuseni.
Umhlei walomcimbi uthi ukhuthaza abantu abasha ukuthi babe nokuzethemba futhi bamazise uMdali ngoba uyena umhleli wezimpilo zabantu.
Ephetha uthe abantu abasha kumele bagcine amasiko futhi bazihloniphe bakhumbule imvelaphi yabo. Kanti lapha kulomcimbi kuzobe kuboshelwe izingwazi zomculo kaMaskandi, kuyobe kumnandi kudelile ngakho intsha ingaphuthelwa

