U Aphile Mpanza ongenele oka Miss Durban ucela ukuvotelwa kanye neminikelo yokusiza abanhlwempu

UAphile Mpanza (16) ongumfundi wase ka Grade 11 e Ridge Park College. Udabuka Empangeni enyakatho yeKZN kodwa ngokuhlala utholakala eThekwini Glenwood.
Lenkosazane esencane ithi iqale ukuModela ngaphansi kwenkampane I Trelique ebafundisa indlela yokumodela, iphinde futhi ibe. ngaphansi kwenye inkampani uFamous Cosmo Black efundisa iRunway iphinde ibanikeze amathuba okukhangisela izitolo.
Echaza uAphile uthi uqale ukumodela eneminyaka eyisithupha, lapho aqala ngokungenela imichitiswano yezingane. Uthi usewine izicoco eziningi njengo Model of KZN kanye no Miss Zululand Ambassador.
UAphile uncome kakhulu indima akuyo yokumodela ngoba yamfundisa izinto eziningi okufana nokuzithanda kanye no kuzethemba futhi uhlangane nabantu abaningi waphinda wathola umndeni e Trelique . nokuhamba amaPeagent kumsize kakhulu njenge ndlela yokugqoka
Manje uthi ufisa abantu bazi ukuthi ungenele umchitiswano ka Miss Durban ophethwe uNqobile Zulu kanye no Jessica loku kumjabulisa kakhulu ukungenela lomchitiswano ngoba i Durban idolobha elikhulu.
“Ngingathanda ukucela usizo ngamadonations ngoba siphinde sisize umphakhathi njengezingane ezingena khaya nabantu abadala izinto abantu abanganikelangazo kungaba amapad,oblanket ,can food, kanye namatissue”. Kusho yena uAphile.
Okunye uAphile uthi ucela ukuvotelwa njengoba engenele uMiss Durban wathi lokhu kungasho kukhulu kuye, kanti usuku lomchitiswano lungomhlaka 24 June
Uyatholakala ku instagram ihandel ethi @phile mpanza kanye naku facebook ungu aphile mpanza
Uyatholakala futhi cingweni kanye nakhu whatapp kwi nombolo ethi 0764765201/0826640403