Usizi isiphepho sikhahlameza abantu eNanda

THAMI SHESHANE

IMeya yeTheku, uMxolisi Kaunda, uNdunankulu waseKZN uNomusa Dube-Ncube kanye noNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu uMmamoloko Kubayi bavakashele eDube Village ngoLwesithathu beyohlola umonakalo. UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana uthi imigwaqo, amanethiwekhi kagesi namapayipi amanzi alimele kakhulu. Ezindaweni ezisenyakatho yeTheku, amathimba abatakuli akwazile ukuhlenga imindeni ebivaleleke ezindlini zayo.

Umasipala weTheku uthi nemitholampilo ike yagcwala amanzi. Abasebenzi bakamasipala bebesusa izihlahla eziwile kanye nemfucuza emigwaqeni. Kunezinsolo zokuthi umalusi ugugulwe ngamanzi endaweni yaseZwelisha kumasipala weTheku. Izinkulungwane zabagibeli bezitimela zisale dengwane ngemuva kokuthi iPrasa imise zonke izinkonzo zayo ngenxa yemvula enamandla.

Akekho okusaqinisekiswe ukuthi wedlule nalesiphepho kodwa kuqinisekisiwe ukulimala kwabaningi kanti abahlali baseNanda bacele noma ngubani ongafaka isandla abasize ikakhulukazi ekulungiseni othayela abathi bebesuka namapulangwe.

UMnyango wezokuBusa nokuBambisana uphinde wexwayisa ngesimo sezulu esimbi kulesifundazwe.

Omunye wabahlali baseNanda, uBeauty Mdwisha ohleli ehholo utshene abezindaba ukuthi ulahlekelwe cisho yiyo yonke into abenayo.”Angidlanga lutho futhi angiphekanga lutho, kwadingeka ngikulahle ukudla kwami ngoba konakele. Ingane yami enonyaka ayizange idle, kufanele size sizohlala lapha.” kusho u Beauty