Ukubusa ngokubambisana kuhulumeni kuyisu elihle uma kwenziwa ngokwethembeka- DDP Political Summit

UDktl. Paul Kariuki onguMqondisi Jikelele enhlanganweni iDemocracy Development Progam (DDP) ethula inkulumo yokwamukela izihambeli

SHEILA MHLONGO

Ukubusa ngokubambisana kuhulumeni (government coalition), kuyisu elihle uma kwenziwa ngokwethembeka, ngaphandle kokuthi amaqembu epolitiki eqonde ngakho ukuketula iqembu elibusayo bese ethola amandla okubhozomela umbuso  ukuze aqhube inkohlakalo yawo. Lombono uvezwe izihambeli ze DDP Political summit ebibanjelwe ehhotela iHoliday Inn eThekwini ngoLwesine lomhlaka 27 Julayi 2023.

IDemocracy Development Program okuyinhlangano ezimele ebhekele ukuthuthukisa nokukhuthaza inqubo yombuso wentando yeningi emphakathini wakuleli, isingathe ingqungquthela (summit), lapho ibimeme izinhlaka ezahlukene emphakathini okubalwa izazi kwezokubuswa kwezwe, osopolitiki, izifundiswa, kanye nezinhlangano ezingenzi inzuzo (NGO’s) ngenhloso yokuzodingida udaba lokubusa ngokubambisana kuhulumeni.

Ethula inkulumo yokwamukela izihambeli uDktl Paul Kariuki onguMqondisi Jikelele kwi DDP, uthe iNingizimu Afrika ilungisela ukubamba ukhetho lukazwelonke, ngonyaka ozayo ka2024, okungenzeka ukuthi iqembu elibusayo leAfrican National Congress (ANC) lithole amavoti angaphansi kuka 51%, lokho okuyosho ukuthi kumele kusebenze uhlelo lokubusa ngokubambisana phakathi kwamaqembu ezepolitiki njengoba sibona kwenzeka kwabanye omasipala bakuleli ngenxa yemiphumela engabanga mihle ngesikhathi kuvotelwa ohulumeni basekhaya ngonyaka ka 2021.

UDktl. Ndwakhulu Tshishonga obevela eUKZN uye waveza uhlangothi olungeluhle olumayelana nezingqinamba ezikhungethe uhlelo lokubusa ngokubambisana (coalition) kuhulumeni.Uthe amaqembu ezepolitiki asebenzisa uhlelo lwe coalition okuvame ukuthi uma kufika lapho engazwani khona agcine ngokwehlukana phakathi maqede umphakathi ongabavoti usale dengwane.

Eqhuba uDktl. Tshishonga weluleke ngokuthi kungaba isu elihle ukuthi ngaphambi kokuthi kube nokhetho lukazwelonke, kudwetshwe uhla lwezivumelwano okuyilo amaqembu ezepolitiki azosebenza ngaphansi kwalo oluhlanganisa lokhu okulandelayo:

Isivumelwano esisemthethweni esizoba isibopho sokusebenzisana kumaqembu epolitiki, zibe sobala, abavoti baziswe ngazo bangashiywa ngaphandle,kube noSotswebhu wokubuswa ngokubambisana, indlela ezosetshenziswa kulolubambiswano,kube nohlelo oluzosetshenziswa uma kuba khona ukungaboni ngaso linye phakathi kwamaqembu asuke enze izivumelwano zokubenzisana, futhi kumele kube nohlelo lokuqapha ukubusa ngokubambisana.

UMhlonishwa uJo-Ann Downs, owabe engomunye wabaholi eqenjini le African Christian Democratic Party (ACDP)kodwa osewashiya kulo, yena uzwakalise ukungabi nankinga ngalo.

UNksz. Bonolo Makgale obevela kwiCentre for the Human Rights ePitoli, yena uthe amaqembu ezepolitiki kumele acabangele abavoti okuyibo abasuke bewanike amandla okuthi babe abaholi, ngakho abavoti kumele bakwazi ukuthi bathole izimpendulo uma ngabe abaholi bengasenzi njengokwezethembiso abazenze ngaphambi kokhetho.

UBonolo uqhube wathi akumele ukuthi amaqembu aphikisayo agijimele ukwenza izivumelwano zokusebenzisana ngoba nje ejahe ukukhipha qembu leAfrican National Congress, kodwa kumele akwenze lokho ngoba eqonde ukulungisa izinto ezonakele ezweni ezifana nokuqenda inkohlakalo kanye nokungahanjiswa kahle kwezidingo kubantu kanye nokunye.

Iningi lezihambeli ze DDP Summit zibe nombono wokuthi kumele kube nemibandela ezobhekela

Eminye yemibandela okumele kusetshezwe phansi kwayo ukuze uhlelo lokubusa ngokubambisana kuhulumeni lube impumelelo futhi kube ilolo oluzovuna noma lucabangele abavoti kube ilena elandelayo:

  • Ukubusa ngokubambisana kumele kube mayelana namandla alinganayo kungabikho iqembu lepolitiki elizofuna ukugweva namandla.
  • Kumele kuqedwe inkohlakalo nokukhwabanisa okugcwele kumaqembu ezepolitiki.
  • Kubekwe ukungaboni ngasolinye eceleni kube nokubekezelelana.
  • Kubekwe abantu ezikhundleni abanolwazi lomsebenzi kuphele ukuqashwa ngokobuqembu.
  • Kuqiniswe ukuqhuba uhlelo lokuhlola amakhono omsebenzi (Enforce Skills Audit).
  • Emva kweminyaka emibili amaqembu ezepolitiki kumele achaze kabanzi uma kubonakala ukuthi awasebenzi kahle futhi ayehluleka ukuletha izidingo kubantu ngendlela egculisayo.

Kanti abanye bathe, amaqembu ezepolitiki kumele asebenze kanzima ukuze athole amavoti anele angenza ukuthi abuse ngokuphelele ngaphandle kokusebenza kohlelo lokubusa ngokubambisana.

Uma kungenzeka kube khona amaqembu athola amavoti alinganayo kuyomele ukuthi anikezwe amandla okubusa ngokudedelana njengokuthi iqembu ngalinye  linikwe uhhafu wethemu ebekiwe.

Omunye umbono ube ukuthi mhlampe kungaba ngcono kungasebenzi  ukuthi iqembu elizobusa lithole u51% kodwa kunalokho kube ukuthi kubuse iqembu eliyothola amavoti amaningi ngokwesibalo kodwa kungasebenzi iphesenti.