UMasipala weTheku uyazi ukuthi kunamakhasimende abhekene nezinselelo mayelana nokuthola izinombolo ezibizwa ngamaKey Change Token zokushintshela ohlelweni olusha lukagesi wekhadi.
Ukuphazamiseka kwalolu hlelo kwenziwe wukuthi kusanezindawo zakulo Masipala ebezingakafakwa kulolu hlelo njengoba zifakwa ngezigaba.
Kepha, izindawo eziwu-90 wamaphesenti seziyawathola amaKey Change Token futhi ngomhla ka-3 Agasti 2023 wonke amakhasimende alawa mamitha kagesi wekhadi awu-463 000 esewonke abe esekwazi ukuthola amaKey Change Token uma ethenga ugesi.
UMasipala uphuthumisa lolu hlelo lokukhipha amaKey Change Token ukuze uqinisekise ukuthi amakhasimende ayakwazi ukuqhubeka nokuthenga ugesi wekhadi njengoba uhlelo lokuthenga lo gesi kumele lube selushintshiwe kungakashayi uNovemba 2024.
Amakhasimende azothi uma ethenga ugesi kunoma ngubani othengisa ugesi wekhadi eThekwini, okufaka nama-app asebhange, athole amaKey Change Token amabili aqukethe izinombolo eziwu-20 iKey Change Token ngayinye. AmaKey Change Token azokhishwa kube kanye kuphela futhi kusemqoka ukuba izakhamizi zifake lezi zinombolo zombili emamitheni kagesi ngaphambi kokufaka ugesi othengiwe.
Amakhasimende elulekwa ukuba aqinisekise ukuthi afaka wonke ugesi obusuvele uthengiwe ngaphambi kokuba afake amaKey Change Token.
“Sifisa ukugcizelela emakhasimendeni ethu ukuthi awuludingi usizo ukuze ufake lezi zinombolo, uyakwazi ukuzenzela wena. AmaKey Change Token abhalwe ngendlela ecacile ukuthi kumele alandelane kanjani. Amakhasimende kumele aqinisekise ukuthi aqala ngezinombolo ezimbili ezisekuqaleni ngaphambi kokufaka inombolo kagesi ukuze imitha ikwazi ukushintshela ohlelweni olusha. Kubalulekile ukuthi amakhasimende aqinisekise ukuthi wonke ugesi obusuvele uthengiwe ngaphambilini ufakwe ngaphambi kokufaka iKey Change Token ngoba ngeke usakwazi ukuwufaka uma usuze wafaka iKey Change Token,” kusho iNhloko yoPhiko lukaGesi uMaxwell Mthembu.
Wengeze ngokuthi amakhasimende kumele angakhohlwa wukuthi amaKey Change Token amahhala futhi angavumeli abantu bangene emizini yawo bezenza abazosiza ngokushintshela amamitha ohlelweni olusha.
Kubalulekile ukuba amakhasimende aqinisekise ukuthi lawa maKey Change Token ayafakwa emitheni ngoba uma kungenjalo, amakhasimende ngeke esakwazi ukuqhubeka nokuthenga ugesi wekhadi.

