NKOSIE NTOMBE
Ugwetshwe udilikajele owesilisa owatholwa enecala lokubulala ikhansela le-ANC eCliffdale (ward 103) eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoLwesibili mhlaka 01 August 2023. UMxolisi Gcabashe wabulala ikhansela uMinenhle Mkhize ngoJanuwari 2022 – ngemuva kwezinyanga ezimbili enqobe ukhetho loMkhandlu .
IPhini likaNobhala we-ANC esifundeni iTheku, uMnuz Nkosenhle Madlala, lithe lesi yisikhathi esibuhlungu ngoba ngeke avuke uMkhize kodwa futhi wumzuzu omnandi ngoba ubulungiswa benziwe.
Ukubulawa kwamakhansela kuyinsakavukela kwisifundazwe sa Kwa Zulu Natali okuwumyalezo omuhle ukugwetshwa kwababulali kuzobuyisa ukuthenjwa kwezinkantolo kuphetha uJaji Sanele Nhlumayo emva kokwethula isigwebo.
IMeya yeTheku ukhansela Mxolisi Kaunda isishayele ihlombe isinqumo senkantolo sokugweba udilika jele uGcabashe waphinda wancoma nomsebenzi omuhle amaphoyisa ngokusiza ukuthi kutholakale ubufakazi okwenze wagcina egwetshiwe uGcabashe,yathi lokhu kuzoletha umyalezo omuhle wokuthi umthetho ukhona kulabo abenza ubugebengu

