INTATHELI YE-KZN
Njengoba siya sisondela isikhathi sokulungiselelwa komcimbi wokuhlonishwa kwamaCiko asafufusa owaziwa nge KZN Namuhla Artists Awards 2023 obanjwa minyaka yonke nosungulwe uMhleli wephephandaba lomphakathi iKZN Namuhla uNksz. Sheila Mhlongo ngonyaka ka 2022. Lubonakala luhamba kahle kakhulu uhlelo lokuvotelwa kwamaCiko azohlonishwa.
Echaza mayelana nalomcimbi uMhleli wephephandaba uthe inhloso enkulu ukuthi njalo ngenyanga kaSepthemba basuke bebungaza unyaka okwasungulwa ngawo iphephandaba njengoba kulonyaka bazobe beqeda iminyaka engamashumi amabili nesihlanu (25) lasungulwa iphephandaba lomphakathi.
Eqhuba uMhleli uthe enye inhloso yalomcimbi ukuhlonipha amaCiko asafufusa ngeqhaza lawo lokusebenza ngokuzikhandla ngaphandle kokuthola udumo njengamanye aziwayo endimeni yobumnandi nobuCiko, bese kuhlangana nokubungazwa kwenyanga yamaGugu (Heritage month) eba ngoSepthemba.
Ngokuso koMhleli womcimbi uthi isasasa likhulile kulonyaka njengoba sandile isibalo sabaqokwa maqede bathola ukuba sohlelweni lokuvotelwa ngama sms, njengoba luqale ngenyanga kaJulayi oluyoze luvalwe ngomhlaka 11 Septhemba.
Eqhuba uMhleli uthe kulonyaka kungenele ngisho namaCiko avela ezifundazweni ezingaphandle kwe KZN, ezifana ne Gauteng kanye ne Eastern Cape kanti abalelwa ngaphezu kwamashumi amane amaCiko asohlelweni lokuvotelwa njengamanje.
Ephetha uMhleli uthe njengoba uhlelo lokuvotelwa kwamaCiko seluya ngasemaphethelweni uthanda ukukhuthaza abalandeli ukuthi baqinise amavoti abo ngaphambi komhlaka 11 Septhemba 2023
Umcimbi wokuhlonishwa kwamaCiko uyokuba ngeSonto lomhlaka 24 Septhemba eBat Center eThekwini eduze nasemtateni (Durban Harbour)izihlobo, abangani kanye nabalandeli bayamenywa ukuthi beze ngobuningi babo bezozibonela amaCiko eklonyeliswa ngezindondo zokuwahlonipha. Imali yokungena uR100 (General) kanye noR150 (VIP).
Ukwazi kabanzi abantu bangafonela uMhleli kulenombolo : 076 390 6969.


