UMasipala weTheku uphezu komkhankaso wokugasela amabhizinisi aephula imthetho

IMeya uKaunda igasela kwelinye lamabhizinsi ihambisana netheimba layo loMkhandlu weTheku

UMasipala weTheku uphezu kokuphuma umkhankaso wokugasela amabhizinisi akulelidolobha angaqhubi ngokusemthethweni, lokhu kuhlaluke ngesikhathi iMeya yoMkhandlu ukhansela Mxolisi Kaunda ehambisana nePhini lakhe ukhansela Zandile Myeni,uKhansela Sibusiso Mpanza, amaPhoyisa oMkhandlu kanye noMnyango wezeMpilo woMkhandlu begasela kwesinye sezitolo ebusuku bangoLwesine olwedule

Ngokodaba olucashunwe ekhasini lika Facebook loMkhandlu, luthi uMeya nethimba lakhe bagasele esitolo   esiku Alexandra Street eduze namatekisi aseMgababa,lapho bethole khona wesitolo edayisa ukudla okubolile endaweni engcolile kanye nokungabi nawo amaphepha emvume yokuqhuba ibhizinisi.

Kube sekuvalwa isitolo kwaphinda kwaboshwa umnikazi waso. Kuwo lomkhankaso oqhubukeyo, kwavundulula nenqwaba yabantu abangenayo imvume yokuhlala kuleli.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *