NKOSIE NTOMBELA
Ukuqokwa kwensizwa ezalwe yaphinda yakhulela Kwa Mpumuza ePietermaritzburg uPercy Zondi odume ngezinkulumo ezakhayo kushayelwe ihlombe nayindlunkulu yakwa Mpumuza ebukhosini bakwa Zondi eqokwa kuma Mlwazet Bavundulule Awards Ka 2023.
Kwistatimende esikhishwe uMkhandlu waseNdlunkulu uthe ” kuyasithokozisa ukuthi yize siyiMpumuza kunezinto ezinhle ezivela kuthina kodwa ukuqokwa Kwa Percy Zondi kwenza kusithokozise ngakho ke lendebe sicela wonke amaMpumuza avote ukuze leliqhawe elizalwa la kwelakithi liphumelele njengoba sesincintisana nabezizwe okusho likhulu kuthina njengesizwe” kubeka iNkosi Khethokuhle Zondi yakwa Mpumuza.
Lama Awards aqokwe kuwo kungokokuqala ngqa ukuqokwa kwakhe uPercy Zondi obezwakala intokozo ngeskhathi iNtatheli yeKZN Namuhla Newspaper imubuza ngawo njengoba sekuqaliwe kuvotwa ” engakusho nje esiqokwe nabo kuyafana nokuthi sonke sesiwinile ngoba kuyaqala ukwenzeka loku ukuthi ngizwe kuthiwa elami igama liyavela okusho okuthi ukhona umehluko engiwenzayo kubantu baseNingizimu Africa ngezinkulumo ezakhayo zami ngakho ke ngicela bavote ngobuningi kwingama elithi MBA Percy Zondi Motivational Speaker kwinimbolo ethi 47439 ” kuphetha uPercy Zondi.
Khonamanjalo ukuvala kokuvota kuma Mlwazet Bavundulule Awards kuvalwa ngomhlaka 30 November 2023 kwabangene kwisigaba sesibili sokuvota bazoqhubeka namavoti abo kuze kuyovalwa njengoba umcimbi uzobanjelwa eThekwini eBlue Waters Hotel mhlaka 2 December 2023 ngokusho komhleli uMlwazet ekhuluma neNtatheli yeKZN Namuhla.Lama MBA Awards asebuya ihlandla lesihlanu seloku abakhona kwisfundazwe saKwa Zulu Natal .


