SHEILA MHLONGO
Ukwenyuka kakhulu kwamanani okudla ezitolo sekudale usizi lapho abantu sebethenga ukudla okucashuniwe ngezipuni kanye nezinkomishi ngenxa yamanani aphezulu ezitolo. Lokhu kudalulwe omunye ongusomabhizinisi endaweni yaseFolweni onesitolo esidayisa ukudla (Tuckshop).
Ngokodaba olucashunwe ephephandabeni lesingisi i-IOL, lithi losomabhizinisi uthi isimo esikhungethe abantu sinzima kakhulu njengoba useze waqhamuka nesu lokuthi okungenani abadayisele ukudla okucashuniwe kunokuthi abadayisele okusephaketheni, lapha ubala ukudla okufana namafutha okupheka awacaphuna ngo R3 ispuni sokudla kuthi irice abacaphunele ngo R10 inkomishi.
Eqhuba losomabhizinisi uthi lokhu ukwenza ngoba uyazwelana namakhasimende akhe ukuze alale edlile, ngoba akanawo amandla okuthenga amaphakethe amakhulu. Uthi nakuba ekuqonda ukuthi lokhu akusiyona indlela okufanele kwenzeke ngayo kodwa isimo siyaphoqa.
“Nami ngizama ngawo wonke amandla ukugcina ibhizinisi lami livuliwe ikakhulukazi kulesikhathi esinzima esidalwa ukwehla kwezinga lomnotho kanye nenqwaba yabantu abangasebenzi. Okungakho ngibone kungcono ngidayise ngalendlela ukuze abantu balale bedlile”. Kusho usomabhizinisi.
Omunye wesilisa okhulume ne IOL uthe uphila ngemali yomsebenzi wamatoho okuye kwenzeke abuye angasebenzi lokho okudala isimo esinzima ngoba nokudla kuyabiza ezitolo uma engabizwanga etohweni kusho ukuthi akabi nayo imali yokuthenga ukudla, ngaleyondlela ukuthola kungcono khona ukuthenga ukudla okucashuniwe.


