Abe Proudly South African babungaza Umkhakhawezemfashini waseNingizimu Afrika,ukuvula indlelayokukhula komnotho.

Umncintiswano weminyaka yonke iLocal Fashion Police owethulwa yiProudly South African ingumbukiso ovelele enkundleni yezombukiso emhlabeni wonke jikelele. Ihamba phambili kwezengqephu yezwe, kwezendwangu, ezicathulweni nasemkhakheni wezakho konke okwenziwa ngesikhumba. Lo mkhankaso awuqhakambisi nje kuphela ikhono lemboni kodwa ubuye ugqugquzele ukwakhiwa kwamathuba emisebenzi kulo mkhakha. Kuyimanje yenze kwaqashwa abantu abalinganiselwa ezinkulungwaneni ezingamashumi ayisithupha kuya kwezingamashumi ayisishiyagalombili (60 000 – 80 000). Leli nani lilinganiselwa kumaphesenti ayishumi nane (14%) ekusungulweni kwemisebenzi yokukhiqiza ezweni. Iwumkhakha obaluleke kakhulu futhi obambe elikhulu iqhaza emkhiqizweni waleli lizwe othunyelwa emazweni angaphandle.

Le Local Fashion Police ingaphezulu komncintiswano wengqephu nje, ihlaba ikhwelo lokuthi bonke abantu baseNingizimu Afrika batshale emiphakathini yabo, batshale ezweni labo futhi babungaze ikhono abanalo ngaphakathi ezweni labo. Ngokusekelwa yizingqalabutho nabantu abadumile emkhakheni wezemfashini emhlabeni jikelele lo mncintiswano wakhiwe ngenjongo yokuba ube seqophelweni eliphezulu kakhulu emcimbini wokukhishwa kwemiklomelo kwezengqephu okulindeleke ukuba uthathe amehlo kawonk’ uwonke ozoba mhla ziyisi-6 kuLwezi 2023. Kuyisikhumbuzo sokuthi ukuba sesitayeleni nokuhlala isikhathi eside komkhiqizo kungaliqhakazisa ikusasa lemboni yezemfashini nendwangu eNingizimu Afrika.

Icashunwe ku:  https:smesouthafrica.co.za/the-textile-industry-in-south-africa/

https://ecommercedb.com/markets/za/fashion

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *