I-ANC KwaZulu-Natali ichitha  okushiwo iANCWL ngodaba lukaDuma emukela Indondo yamaSpringBok

Kwesokunxele uSihlalo weANC, KwaZulu-Natali aphinde abe uNgqongqoshe wezokuthuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha, kanye nezeMvelo, uMnu Siboniso Duma ekanye noNdunankulu wesifundazwe uNkk Nomusa Dube-Ncube

SHEILA MHLONGO

Iqembu leANC KwaZulu-Natali selikhiphe isitatimende esihlaba leso ebesikhishwe i-ANCWL ngodaba lukaSihlalo weANC KwaZulu-Natali uMnu Siboniso Duma sokwamukela Indondo yamaSpringbok ngempelasonto esiphuma kuyo.

Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba sithi, iqembu leANC KwaZulu-Natali lihlaba isenzo sobuholi be ANC Womens League sokugxeka uSihlalo wayo uMnu Siboniso Duma ngaphandle kokuthola iqiniso lonke elimayelana nalokho okwabonakala kwenzeka uDuma emukela Indondo.

Isitatimende siqhuba sithi ubuholi bunawo umyalezo owabe ubhalwe uNdunankulu uNomusa Dube –Ncube lapho esho ukuthi kunesivumelwano sokuthi uSiboniso Duma aphakamise Indondo yama Spring Bok, akukho lapho uDuma azifaka khona kungafanele.

Kuso isitatimende kunombhalo okubikwa ukuthi ubhalwe uNdunankulu uNomusa Dube-Ncube:

“Nobhala kanye nama Officials asingavumeli labantu (dictrators) badlale ipolitiki eshibhile yokusahlukanisa siyi ANC kanye nomphakathi. Empeleni izolo siye sahleKa noComrade Mthombeni ukuthi uyena ozokwazi ukuphakamisa iNdondo ngoba bayalingana ngobude beno Elizabeth.” Kucacisa isitatimende.

Ngakho ngokwalombhalo ovela kuCde Nomusa Dube ubuholi be ANC KwaZulu-Natali buthi kuyacaca ukuthi iANCWL ibone kungcono ukuthi ingenwe imimoya yalabo abaphikisana ne ANC.

“Ngaphansi kwezimo ezijwayelekile besingabheka ukuthi i-ANCWL ixoxisane nathi njengobuholi beANC esifundazweni isebenzisa imigudu engaphakathi ngaphandle kokukhipha isitatimende esikhombisa isithombe sokwehlukana phakathi eqenjini”. Kucacisa isitatimende.

Isitatimende sibe sesiveza amaqiniso ngoSihlalo weANC KwaZulu-Natali uSiboniso Duma:

  • Yena ngokwakhe uDuma wazisholo yena ukuthi angeke asithathe isikhundla sokuba uNdunankulu wesikhashana kunalokho wabe eseyalela ukuthi kuqokwe umuntu wesifazane.
  • Ngaphansi kuka Cde Siboniso Duma njengoSihlalo weANC esifundazweni kuye kwanda isibalo sabesifazane ezikhundleni zesigungu esiphezulu kuhulumeni besuka ku 5 kuya ku6.
  • Ngokomlando uCde Siboniso Duma wabe eyingxenye yeANC Youth League eyakhuthaza ukuthi kuqokwe uCde Nomusa Dube-Ncube kwesePhini likaSihlalo we-ANC.
  • Ngaphansi kwabo ubuholi buka Duma uyena futhi owakhuthaza ukuthi kuhanjiswe amagama abantu besifazane  abathathu  ukuthi kukhethwe kubona ozoba sesikhundleni sokuba uNdunankulu.

Kamuva uDuma uyena futhi ophinde wakhuthaza ukufakwa kwabantu besifazane ezikhundleni zokuba Izinhloko zeMinyango kaHulumeni. Uyohlale ekhumbuleka emlandweni ngeqhaza

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *