SHEILA MHLONGO
Iqembu leDemocratic Alliance (DA) lithi linethemba elikhulu ukuthi lizowuqumba phansi umbuso we qembu leANC. Lokhu kushiwo uMengameli wayo uMnu. John Steen Huizen ngesikhathi leliqembu lisingathe umkhankaso wokukhuthaza abantu ukuthi babhalisele ukuvotela ukhetho luka 2024. Kanti lomkhankaso ububanjelwe Exhibition Centre, eThekwini ngoMgqibelo womhlaka 4 Nobemba 2024.
Ethula inkulumo yakhe phambi kwezihlwele zabalandeli uSteen Huizen uthe inhlanganisela yamaqembu ezepolitiki okuyi Multi-Party Charter abasanda kuyisayinda imi ku 50% ngokwehlolovo, lokhu okuyizinkomba zokuthi nakanjani bazolunqoba ukhetho ngoba iqembu leANC lona limi ku 36% ngokwenhlolovo lapha KwaZulu-Natali.
“Ngokwenhlolovo uma senza izibalo zithi iDA imi ku 21%, iqembu le IFP liku 24%bese kuthi amanye amaqembu esibambisene nawo ami ku 5% esehlangene, lokhu ke kwenza u50% . Kanti iqembu leANC lona liku 36% lapha KwaZulu-Natali okuchaza ukuthi uMulti-Party Charter yethu izoqopha umlando yenze uhulumeni wesifundazwe ngaphandle kwe EFF kanye ne ANC”. Kusho uSteen Huizen.
USteen Huizen uthe uma abantu bevotela iqembu leDA bayobe basiza ukukhulula isifundazwe saKwaZulu-Natal embusweni weANC osuqhubeke iminyaka engu 30 yonke,wathi kodwa manje konke lokho kuphelile.
“Ngempelasonto yomhlaka 18-19 Novemba kuyobe kuvulwe zonke izikhungo zokubhalisela ukuvota kulolonke elaseNingizimu Afrika. Ngakho uma nifuna uhulumeni wesifundazwe ozokhulula iKwaZulu-Natali hambani niyobhalisela ukuvotela iqembu leDA , noma uma nifuna ukuvimba inhlanganisela yeEFF kanye ne ANC ukuthi iqhubeke icekele phansi izwe laseNingizimu Afrika hambani niyobhalisela ukuvotela iDA, unyaka ka 2024 iwona ebesiwubheke ngabomvu”. Kuphetha uSteen Huizen.

