MINENHLE MHLONGO
Uhlelo lwalo nyaka lwama SAMA luthembisa ukuthi kuzoba umgubho othokozisayo wokuphumelela emculweni wesizwe uma izinhla ezihlonishwayo zabaqokiwe ezigabeni zonyaka zingaba khona.
U-Wanitwa Mos no Mater KG bahamba phambili ohlwini labaqokelwe I video yo nyaka ,ngokuthi bathole amathuba amathathu okungena emncintiswaneni .Dali nguwe ebambisene noNkosazane Daughter, Basetsana kanye no Obeey Amor, Kanye no Sofa silahlane ebambisene no Lowseen no Nkosazana Daughter lawa ngamanye wama threkhi ababambisene kuwo baphinde babambisane nasekuhlomuleni izindondo zawo lama threki
Zombili lezingoma qokelwe njenge video yonyaka
UDaliwonga usezingeni elilinganayo no Wanitwa Mos no Master KG ohambisana nezabo okuqokwa kwamagama amathathu omculo onyaka ahlaba umxhwele .Waziwa ngezingoma ezishisa izikhotha Abo Mvelo ehlanganisa u Mellow & Sleazy kanye no M-J, kanye neminikelo yakhe ukubala nje ezimbalwa.Kwezinye izingoma ezimbili Banyan aka DJ Maphorisa no Tyler ICE,kanye nethi Dipatje tsa U-Felo.u-Le kanye no-mvztro
U-DJ Maphorisa , owaqokwa eqoqweni le Music video nerekhodi lo nyaka nyakenye, usephinde wathola amanodi amabili omculo wevideo,Kulokhu uhlanganyele no Kabza De Small kumsebenzi wabo omangalisayo osihloko sithi Banyana kanye no Young Stunna kwingoma ethi Adiwelele.
Onyakeni lapho amaPiano eqhubeka khona nokudlondlobala emculweni waseNingizimu Afrika , amathrek iafan ne Sete ka KO, Young Stunna no Blackie kanye nethi Stimela eculwa ngu 2point1, okuhlanganisa no-Ntabi Stunna odabuka eLesotho bamile futhi bayakuqinisekisa ukuthi lama threkhi aqhudelana ngevideo yomculo wonyaka futhi asembangweni we ndondo ye rekhodi yonyaka ,ngaphandle kokubusa kwama Piano I Joyous Celebration nayo izitholele ingqayizivele yesikhundla ngecwecwe layo elithi Ndenzele Uncedo.
Inoti le somber lishaywa ngokuqoka ngemumva kokudlula emhlabeni kuka Costa Titch ngokuzuma esishiya nengoma ethi Big Flexa abambisene nabaculi abahlukene kuyo ,U-C’buda M, U-Afla –u Banaba Des u-Sdina kanye no Man T nayona eqokelwe music video wonyaka .Ingqwele U-Aka uqokwe ku rekhodi yonyaka ngecwecwe lakhe elithi Lemon and Lemonade ehlangenyele no Nasty C. Ngaphezulu izingwazi zeqembu I Big Nuz emva kokulahlekelwa ilunga lalo uMampintsha lona lihlabane nge nodi engomeni yalo ethi ngeke bebambisene no DJ Yamza , kuwo womabilili amakhathegori bathole eye rekhodi kanye nevidiyo yomculo wonyaka.
Ama-SAMA asaqhubeka nokubungaza umculo waseNingizumu Afrika ngokuhlanga kwawo imboni iyaqhubeka ukuqaphela ubuciko nethalente labaculi abavela ezinhlotsheni ezahlukena zomculo.Ivideo yomculo yonyaka kanye nezigaba zerekhodi lonyaka linikeza abaculi inkundla yabaculi ukuthola ukuhlonishwa nokuqgama okubafanele ngamagalelo abo kwabavelele base Ningizimu.
Njengoba isasasa likhula kuma SAMA29,umcimbi wezindondo uhlelwe umhlaka 18 November 2023
Zibeke ethubeni lokuhlomula umkomelo olinganiselwa ku R100 000 ngokuvotela ividiyo yomculo oyithandayo yonyaka okanye irekhodi lonyaka.Ukuze uvote thumela I SMS Category code MYT yevidiyo yomculo noma I RYT yerekhodi lonyaka alandelwa yi ARTIST Code ku 33441 .SMS Ibiza u R1.50 kuwowonke ama nethwekhi omakhalekhukhwini futhi ama SMS mahhala awasebenzi kuzoqhudelwana kusukela ngolwesihlanu 3 November 2023
Isikhuku esiphezulu sakwa RiSA UNhlanhla Sibisi, sithi iSAMA29 isilungele ukubangaza umgubho wezingoma ezihamba ezihamba phambili .Umculo waseNingizimu Afriak ‘Sihalalilsela abaqokwe kwi rekhodi yonyaka kanye nemikomelo yevidiyo yonyaka yomculo.Sinxusa umphakathi ukuthi uzwakalisa izimvo zawo nezwi lawo ukuvotela izintandokazi zabo kuleyo mikhakha .kuwumugqa wokuncintisana futhi kungenzeka kuwine ongcono kakhulu “ kusho yena.

