Masingakhohlwa abasenzele umusa

Sanbonani bantu bakithi, unyaka usugijimela ekupheleni kungifikele ukuthi nginibhalele ngalokhu, noma kungezona zonke izinto ebesizifisile ukuba nazo sazithola masingakhohlwa kukhona abake basibonisa umusa, noma ubemubi unyaka kodwa kukhona labo abasibonise umusa ngokwehluka kwawo, masingakhohlwa ukubabonga ukwenzela nakulona ozayo baphinde basibone isidingo sokuphinde bawuveze umusa wabo bazivule izandla zabo . Khumbula bonke abakwenzele umusa noma kungaba bekuyinto ebonakala iyincane yikhumbule bese uyabonga. Abasenzela umusa basuka beholwa yinhliziyo ezimhlophe ezikhululekile yingakho kubalulekile ukubabonga ukwenzela bangapheli amandla. Babonge bonke abakwenzele umusa kulonyaka 

Obhalayo umfundisi Katlego Nare 

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *