SHEILA MHLONGO
Intokazi yakuleli enguMiss Universe South Africa uBryoni Govender uzobe edlana umlala nezinye izintokazi eziphambili emncintiswaneni ka Miss Universe 2023 ozobe uqhubeka El Salvador. ngoMgqibelo womhlaka 18 Novemba 2023
Lomqhudelwano uzobe uboniswa bukhoma kuSABC 3 (DSTC Channel 193) ngeSonto ntambama kusukela ngehora lesithathu (3:00) uphinde futhi ligamenxe ihora lesikhombisa ebusuku (19h30)
INingizimu Afrika ingelinye lamazwe abambe iqhaza kulomncintiswano ka Miss Universe pageant ngokuba nezintokazi ezike zaphuma phambili okubalwa:
- 2017 – Demi-Leigh Nel-Peters (Tebow) crowned Miss Universe
- 2018 – Tamaryn Green (Green-Nxumalo), first runner-up
- 2019 – Zozibini Tunzi, crowned Miss Universe
- 2021 – Lalela Mswane, second runner-up
Abantu baseNingizimu Afrika bayanxuswa ukuthi basize bavotele lentokazi yakuleli uMiss Govender kusetshenziswa iOnline Voting kwi App esemthethweni ye Miss Universe ,intokazi ezothola amavoti amaningi ithola ukuba semgqeni wokuba kumaSemi Finalist. INingizimu Afrika imelwe iWeil Entertainment ngokubambisana ne Sun International. Kanti uSABC3 ungumsakazeli osemthethweni.
Ukuvotela uMiss Govender ungaya lapha kulamakhasi:
- https://www.misssa.co.za
- Facebook: https://www.facebook.com/MissSouthAfricaOfficial
- Twitter: @Official_MissSA
- Instagram: @official_misssa
- Tik-Tok: @official_misssa
- YouTube: https://www.youtube.com/c/MissSouthAfricaOfficial