SHEILA MHLONGO
Isigungu esiphezulu seqembu le African National Congress (ANC) sigcine sithathe isinqumo sokuthi simise ubulunga balowo owabe enguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma emva kokuba ngomhlaka 16 Disemba 2023, wamemezela ukuthi usethathe isinqumo sokuthi usezokhankasela Umkhonto Wesizwe Party ekubeni engashiyile kwi ANC.
Lesisinqumo isigungu esiphezulu sisithathe emva kokuthi kade sihlangene ngempelasonto esiphuma kuyo ngenhloso yokudingida izindaba zeqembu kanye nalo oluka Zuma.Lomhlangano ububanjelwe eBoksburg eGauteng.
Ekhuluma nabezindaba uNobhala Jikelele weANC uMnu Fikile Mbalula uthe nakuba bemnike isikhathi esingamahora angu -48 ukuthi uZuma aziphendulele kulesinqumo kodwa ikomidi eliqondisa izigwegwe lizoyicubungula kahle lendaba emva kokhetho lolu esiya kulo ngoba okwamanje iqembu lizoba matasa nomkhankaso walo wokhetho.
Ngokusho kukaMnu Mbalula uthe uZuma naye uyazi ukuthi wephule uMthethosisekelo weqembu oyalela ukuthi noma iliphi ilunga elijoyina elinye iqembu elingahambisani ne ANC noma amadlela ndawonye alo afana no SACP, COSATU,kanye neSANCO lelo lunga liyothathelwa izinyathelo zokumiswa eqenjini.
Mayelana nodaba lukaZuma amalunga esigungu esiphezulu aye aba nemibono ehlukene njengoba amanye eveze ukuthi, kuyafana nokuthi uZuma ushiyile iqembu ngenxa yesinqumo sakhe sokukhankasela elinye iqembu ngakho kungani aphathwe ntofontofo angamane axoshwe na, futhi uZuma naye uzozibona enamandla ngaphezu kweqembu.
Ecacisa uMbalula ube esethi bagcine bevumelene beyisigungu esiphezulu ukuthi ukumisa ubulunga buka Zuma ikona okungcono ukuze anikwe ithuba lokuziphendulela, kodwa ke angeke balibale ukulokhu bekhuluma ngoZuma kunalokho bazonaka indaba yomkhankaso wokuvota njengoba kuza ukhetho.


