SHEILA MHLONGO
Iqembu lenkatha Freedom Party (IFP) selimemezele ukuthi lizofolosa ngoMnu Thami Ntuli oyiMeya yaseKing Cetshwayo aphinde abe uSihlalo weqembu esifundazweni, esikhundleni sokuba uNdunankulu waKwaZulu-Natali.
Lesimemezelo senziwe uMengameli we IFP uMnu Velenkosini Hlabisa ngoMsombuluko womhlaka 29 Januwari 2024, esithangamini nabezindaba ebesibanjelwe ekomkulu leqembu eThekwini.
“NjengoMengameli weqembu le IFP, nasegameni lesigungu esiphezulu kuzwelonke kuyangithokozisa ukuthi ngimemezele lowo ozomela iqembu njengoNdunankulu ngaphansi kokhetho lwezifundazwe nolukazwelonke luka 2024”. Kusho uHlabisa. Oqhube wathi
Lowo ozosimela ukhethwe ngo elethu emhlanganweni wesigungu esiphezulu sikazwelonke, ababe nawo ngeSonto lomhlaka 28 Januwari, Empangeni.
Eqhuba uHlabisa uthe, beyisigungu esiphezulu sebekwazile ukuhlanganisa uhlelo lwabo abazogadla ngalo emkhankasweni wabo wokhetho, futhi zonke izinhlaka zeqembu ezihlanganisa wonke amalunga, kanye namavolontiya asemi ngomumo ukubhekana nomkhankaso wokhetho.
“Ngemuva komsebenzi esiwenzile kulempelasonto esiphuma kuyo, kuyangithokozisa ukusho ukuthi iqembu le-IFP selikulungele ukubhekana nokhetho luka 2024, kulomkhankaso wethu, futhi sikulungele ukwamukela umsebenzi wokhetho”. Kuchaza uHlabisa.
Eqhuba uHlabisa uthe kuleliviki bazoqinisa ukubhekana nomsebenzi wokukhuthaza abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babhalisele ukhetho. “Siyakholelwa inqubo yentando yeningi futhi siyakuqonda ukuthi ingenzeka kuphela uma abantu besebenzisa ilungelo labo lokuvota”.
Khona manjalo uHlabisa uphinde wezwakalisa ukuthi basebenza kanzima ukulungiselela usuku olukhulu lokwethula imanifesto yokhetho yeqembu eyobe ibanjelwe eMoses Mabhida ngomhlaka 10 Mashi eMoses Mabhida eThekwini. “Siyajabula ukusho ukuthi ngalelolanga abantu baseNingizimu Afrika bayothola ithuba lokuzizwela amasu eIFP”. Kusho uHlabisa.
“Iqembu leIFP KwaZulu-Natali liphokophele ekubuyiseni uhulumeni oqotho osebenzela abantu esifundazweni okungakho siye saqoka umuntu oqotho ukuthi kube uye ohola iKwaZulu-Natali njengoNdunankulu okunguMnu Thamsanqa Arthur Ntuli.Siyakholwa ukuthi unolwazi olunzulu futhi uzokwazi ukuphatha lesikhundla sokuhola iKwaZulu-Natali”. Kuphetha uHlabisa.

