Xolani Zwide, (25),odume ngelika “Kello” Zwide kwezomsakazo. UngowaseMpumalanga Nelspruit, ngokuzalwa uqale umsebenzi wakhe wezokusakaza ngo-2020 esiteshini esisakazela umphakathi esifundazweni sase Mpumalanga kanye nase Gauteng.
Uxolani ujoyine i-Radio Khwezi ngo Mashi 2023 lapho aqala khona enza uhlelo lwangeMgqibelo ntambama, alwenze izinyanga ezisithupha kodwa lakwazi ukunqoba indondo ye Best Gospel Radio Show kuma SAGRA Awards abese sifundazweni sase Eastern Cape.
Okuthe uma kwenziwa izinguquko kwiKhwezi Radio, ngo Septhemba nyakenye, wabe esenginikezwa uhlelo lwasekuseni ngo Mgqibelo (Siphetha Isonto) olungena njalo ngehora leshumi wkuseni (10 am), kuya kwhora lesibili ntambama kuya ku 92pm). Okuwuhlelo olumanandi kakhulu njengoba lukunikeza ulwazi olubalulekile ngoba lunikeza ulwazi kwezamabhizinisi, kanye nokubheka imikhakha eyahlukene yokufunda lapho lunikeza khona itsha ulwazi ngemikhakha engakhetha kuyona uma seyifuna ukuyoqhuba imfundo ephakeme.
“Ukusebenza emsakazweni ofana ne Radio Khwezi kungifundisa okuningi kuphinde kungikhulise kwezokusakaza njengoba lomsakazo ungagcini nje ngokukukhulisa ngekhono kodwa ukwenza uhluke lulokhu okade uyikho kuphinde kukwazi nokukwakha ngokwesimilo, nangendlela yokuziphatha nokuzihlonipha.
“IKhwezi ngingasho ukuthi umsakazo omkhulu kwezomphakathi lapha KwaZulu Natal, uma ubheka izinhlelo ezikhona ziyakha, ziyafundisa kanti zehlukile uma uqhathanisa neminye imisakazo ekhona”. Kuchaza uXolani
Ukuze ulalele i-Radio Khwezi ungayithola ku 905 naku 107.7 fm kodwa uma ungayitholi uyakwazi ukulalela noma ngabe ukuphi ngokungena ku www.khwezi.org.za noma ulandele ku Facebook Radio Khwezi.

