SBU MAMBA
Zibuhlungu izinhliziyo zabalandeli be Orlando Pirates ngokulaxazwa umgadli oyintandokazi nesethenjwa sabo u Thembinkosi Lorch wayojoyina izimbangi zayo iMamelodi Sundowns .
Bakhala bayazithulisa ngisho nasezinkundleni zokuxhumana bathi kodwa ubenzani u Lorch bathi kodwa angayenza kanjani into enjena ajoyine izitha zabo abahlezi bebanga nazo isicoco seligi nezindebe ezinkulu oMTN 8 no Nedbank Cup .
Noma zibuhlungu zinjalo izinhliziyo zaMabhakabhaka u Lorch uzitholile izibusiso zika Sihlalo wakhe u Dr Irvin Khoza , esitatimendeni esikhishwe yi Pirates u Khoza uthe ufisela u Lorch nomndeni wakhe okuhle kodwa aphumelele ezifisweni zakhe izinto zimhambele nalapho eya khona . Izindaba ezimnandi ezizoba umthoba nhliziyo kubalandeli bezimnyama ukusayinwa kwabagadli ababili u Thabiso Lebitso obejijima ku Chppa United no Thalente Mbatha osuka ku Supersport United

