SHEILA MHLONGO
Inhlangano ebhekele ukuthuthukisa umsebenzi wabezindaba eNingizimu Afrika, okuyiMedia Development & Diversity Agency (MDDA) ngokubambisana nenhlangano ebhekele ezokhetho kuleli okuyi-Independent Electoral Commission (IEC)KwaZulu-Natali, bacije abezindaba ngolwazi olumayelana nohlelo okuzoqhutshwa ngalo ukhetho lukahulumeni kazwelonke kanye nolwezifundazwe luka 2024.
Kule-workshop ebanjwe izinsuku ezintathu eGarden Court eThekwini kusukela ngomhlaka 12- 14 Febhuwari 2024, kucijwe abezindaba abasemkhakheni wemisakazo kanye nabamaphephandaba omphakathi ngenhloso yokubanikeza ulwazi mayelana nendlela okumele babike ngayo uma besakaza noma bebhala ngezokhetho.
Echaza mayelana nenhloso ye- workshop uNkk N Masinga oyisikhulu sakwa IEC uthe, babone kuyisu elihle ukuthi kuqeqeshwe izintatheli mayelana nokhetho ukuze ziqonde indlela efanele futhi engachemile yokubikela umphakathi, ngoba balibona libalulekile kakhulu iqhaza labezindaba abanolwazi oluphelele ngoba basiza ukunikeza umphakathi ulwazi khona nawo uzokwazi ukuthatha izinqumo eziphusile uphinde ukwazi ukubamba iqhaza ezinhlelweni zokuqhutshwa kwentando yeningi.
“Ezokhetho ziyingxenye ebalulekile kakhulu yentando yeningi, nokuthi abavoti babe nolwazi olwanele ngamalungelo abo kanye nalokho okumele bakwenze ngesikhathi sokhetho. Kanti nabezindaba nabo baneqhaza elibalulekile lokufundisa izakhamizi, ikakhulukazi njengoba lonyaka ka 2024 sibungaza iminyaka engu 30, yentando yeningi eNingizimu Afrika yathola inkululeko, okuyinto ebaluleke kakhulu emlandweni”.Kuchaza uMasinga.
Phakathi kolwazi okucijwe ngalo abezindaba kube uhlelo lwe-IEC, olumayelana nokulungiselela ukhetho kusukela manje kuze kube uMengameli wezwe amemezela ngokusemthethweni usuku lokhetho,Uhlaka olusha lomthetho ochitshiyelwe ozokwazi ukuhlangabezana nesibalo samaqembu abhalisele ukhetho kanye nalabo ababhalisele ukungenela ukhetho ngokuzimela (Independence) isibalo sababhalisele ukuvota, Uhla lwesibalo sezihlalo zabaholi bamaqembu ephalamende kanye nakuzifundazwe, bese kuba ulwazi mayelana nokubhalisela ukuvota.
Bonke abezindaba abebethamele i-workshop bezwakalise ukuthakasela ulwazi abalutholi babonga kwabe MDDA kanye nabe –IEC.


