UDuduzane Zuma ulaxaze phansi iqembu leANC wazisungulela elakhe

SHEILA MHLONGO

UDuduzane Zuma (40) oyindodana yalowo owabe enguMengameli wezwe uMnu. Jacob Zuma, ulaxaze phansi iqembu leANC maqede wazisungulela elakhe aliqambe ngokuthi All Game Changers(AGC).

UDuduzane akagcinanga nje ngokulaxaza iqembu kodwa uphinde walaxaza isikhundla sakhe sokuba uSihlalo wegatsha leANC kuWard 11 eThekwini. Ekhuluma noNaledi Moleo we Newsroom Afrika (405), uDuduzane uthe, kunokujoyina iqembu likababa wakhe loMkhonto Wesizwe ubone kungcono azisungulele i-All Game Changers ngoba usekhathele ukulokhu ebona ubuso obudala.

“Sekunesikhathi silokhu sibona ubuso obubodwa isikhathi eside nezindlela ezindala zokuhola kwipolitiki, manje sifuna ukubona izinto ezintsha.” Kusho uDuduzane. Weleka ngokuthi abantu abadala kumele badedele intsha ukuthi kube iyona ehola izwe kulolukhetho lonyaka ka 2024.

UDuduzane ubhalise iqembu lakhe i-AGC ukuze angenele ukhetho kanti ugaqele isikhundla sokuba uMengameli wezwe njenge Independence, ngoba uyakholelwa ukuthi  iNingizimu Afrika idinga ushintsho, futhi yena uqobo lwakhe uzoletha lolushintsho oludingekayo.

“Siyaludinga ushintsho kanti mina ngiyilo impela ushintsho oludingwa izwe lethu. Isikhathi sifikile sokuthi siyintsha sikubeke ezandleni zethu ukuhola lelizwe, futhi sifikile isikhathi sokuthi abantu badala babeke bansi izintambo zombuso, badedele thina siyise lelizwe phambili.” Kubeka uDuduzane.

Oqhube wathi abantu abadala bahlale bethi, “ intsha iyikusasa, ngakho uma kunjalo, lesi yiso isikhathi sokuthi basidedele kube yithi esizothatha izinqumo zokuhola lelizwe. Kuyinto ekhona ukuthi uma uba mdala uyaphelelwa amandla kodwa kuyamangaza ukuthi  osopolitiki bacabanga ukuthi bona bangahlala emandleni baze baficwe ukufa.” Kubeka uDuduzane.

UDuduzane uthe uma engathola ithuba lokuhola lelizwe uyafisa ukuthi ashintshe umthethosisekelo walelizwe. Wathi iManifesto yakhe izogxila kakhulu ekuletheni izixazululo ezinkingeni ezikhungethe lelizwe ezifana nokucishwa kukagesi sakonga, ukwesweleka kwamathuba emisebenzi,kanye nezindlela zokusiza intsha ukuthi ingazitholi ithembele kwizibonelelo zikahulumeni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *