OwezeMfundo ukhuthaza amalunga omphakathi emazingeni ehlukene  ukuthi azibandakanye nokhetho luka 2024 lwama SGB

UNgqongqoshe wezeMfundo Emazingeni Aphansi uNkk Angie Motsekga

SHEILA MHLONGO

UNgqongqoshe wezeMfundo Emazingeni Aphansi uNkk Angie Motsekga usekhiphe isimemo sokukhuthaza amalunga omphakathi emazingeni ehlukene ukuthi azibandakanye nokungenela ukhetho luka 2024 lwama School Governing Body (SGB). UMotsekga ukusho lokhu ngesikhathi kwethulwa umkhankaso wokukhethwa kamalunga eSGB ngoMsombuluko womhlaka 12 Febhuwari 2024.

Kulomkhankaso wokukhethwa kwabantu  abazongenela  ukhetho lokuba esigungwini seSGB, uMotsekga uthe kumele kube othisha, abazali, abasebenza ezikoleni bengebona othisha, abafundi base ma High School, kanye namalunga nje omphakathi ukuze babe nezwi esigungwini esengamele isikole (SGB).

Ngokomthetho  uMnyango wezeMfundo kumele uqhube ukhetho lwabazoba kuma SGB njalo eminyakeni emithathu. Kanti ukhetho luka 2024 luzosingathwa kusukela ngomhlaka 1-31 Mashi.

“Njengoba sethula lomkhankaso nje, ngimema wonke umuntu okungaba umzali, umfundi, kanye namalunga omphakathi ukuthi nisijoyine kulemizamo.

Kumele nizibandakanye nohlelo, nizifundise, nina kanye nabanye kodwa okubalulekile nisebenzise ilungelo lenu lokuvota. Ubukhona benu akusikho nje ukuzibandakanya kodwa kuyindlela yokuzibophezela ngekusasa lezingane zethu siyisizwe. Lokhu ningakwenza ngokuthi ningenele ukhetho noma nivotele ama SGB.” Kugcizelela uMotsekga.

UMotsekga uthe izikole ezinama SGB asebenza ngokuzimisela zivame ukuthi zibe nemiphumela emihle emfundweni yezingane, kanti nezenzo zokucekelwa phansi kwempahla yesikole nakho kuyehla.

SANews.gov.za

.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *