Isisekelo seqembu le-EFF  sakhelwe ngaphansi kwe-Marxist-Leninist.

ZETHU KHUMALO

Economic Freedom Fighter (EFF) inhlangano yezepolitiki esungulwe ngoNtulikazi ngonyaka wezi-2013, isungulwa uMnu Julius Malema owaxebuka kwi-African National Congress (ANC), lapho owayenguMholi we African National Congress Youth League (ANCYL), ngemuva kokugxibha abaholi be-ANC, wakhonjwa indlela ngenxa yokuthi uhluleke ukuziphatha.

Ube esesungula inhlangano yezepolitiki i-EFF,okuyinhlangano eyakhelwe ngaphansi kwe-Marxist-Leninist.

Le nhlangano ikwazile ukuba ngeyesithathu ukuthatha indawo ephalamende, kanti iyinhlangano engunamba 2, ekubeni yinhlangano yezepoliti ephikisayo, njengoba ilandela i-Democratic Alliance (DA), kanti ilandelwa ngemuva yiqembu lezepolitiki i-Inkatha Freedom Party (IFP).

I-EFF inezihlalo eziyi-44 ephalamende, ilandela i-DA enezihlalo eziyi-84, yona ilandelwa i-IFP enezihlalo eziyi-14. 

Kuzokhumbuleka ukuthi i-EFF yakhelwe kwi-Marxism-Leninism, okuyiphupho elasungulwa nguKarl Marx ngemuva kwe-Industrial Revolution, eyasungulwa eBritain ngonyaka ka-1750, eyaqala ukusebenza emafemini, eyayihambisana nokuhlukunyezwa kwabantu, ababegqilazwa kodwa beholelwa indibilishi. Bebekelwa imisebenzi engaphezu kwamandla, okwakuthi uma bengayiqedanga, bajeziswe ngokushaywa. Lento yagcina isisabalala umhlaba wonke.

UKarl  Marx wakubuka lokhu wangakuthanda, wabona ukuthi akuyona indlela elungile yokwenza neyokuphatha  abantu. Uqhamuke ne-marxism. iMarxism (okuyiyo i-EFF eyakhelwe phezu kwayo)  ibimelelene nokuxhashazwa kwabantu, ithi umuntu akaholelwe ngokwezidingo zakhe, futhi ukuthi into ayiphathwe noma ibuswe ngokuhlanganyela. Yebo uKarl Marx akazange akwanzi ukuyenza ibonakale. ULenin  ube eseqala eyisebenzisa i-Marxism eRussia, nakuba kwaba khona okwakubonakala ukuthi nakuba kukuhle nge-Marxism kodwa okunye ngeke kukwazi ukwenzeka, okuyilapho naye athatha okunye kwi-marxim, wase engenza ngaqhamuka nakho okuyi-Leninism (Okuyiyo eyisisekelo se-EFF ehlanganiswe ne-Marxism), ekholelwa kakukhulu kukulingana nasekwabelaneni ngokulinganayo, kungabi khona umuntu othole kakhulu eyedwa, kodwa kufanele kwabelwane ngokulingana.

Yebo i-EFF yakhelwe ekulweni nokuhlukunyezwa kwabantu, ukudala amathuba emisebenzi, ukulwa nokuhlunyezwa kwabasebenzi nokwabelana okulinganayo kungabi bikho ongxiwankulu abaphatha ngabodwana

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *