SHEILA MHLONGO
Kubukeka sekuzophela ukushaya Isdudla kubasebenzi bakahulumeni, lokhu kuza emuva kokuthi uNgqongqoshe wezeziMali kuzwelonke uMnu Enok Godongwana ethule inkulumo yesabelomali sika2024.
Ngokusho kukaNgqongqoshe, uMnu Enock Godongwana usememezele ukuthi sekuzoba noshintsho olumayelana nezimali zezimpesheni zabasebenzi njengoba sebezokwazi ukuthi bacaphune ingxenye yemali yabo yempesheni uma beyidinga, kanti lokhu kuzoqala ukwenzeka ngomhlaka 1 Sephtemba 2024
Echaza uNgqongqoshe uGodongwana mayelana nalokhu uthe izimali ezingena esikhwameni sezimpesheni, zizokwahlulwa kabili, ingxenye izongena esikhwameni sokonga (savings component) kuthi enye ifakwe esikhwameni sezimpesheni (retirement component).
“Loluhlelo lokugcinwa kwezimpesheni olwehlukaniswe kabili luzobhekela ukuvikela izimali zamalunga esikhwama sempesheni kuthi esinye sibhekele amalunga aso athole umhlalaphansi ongcono, kodwa futhi sibe sibhekela ukuthi amalunga akwazi ukuthola imali yawo uma enezinkinga zemali.”Kusho uNgqongqoshe uGodongwane, oqhube wathi amalunga ayokwazi ukuthola ingxenye yezimali zawo kusukela ngenyanga ka Ephreli.
Ngokwesabelo mali esethuliwe sika 2024,sithi izimali ezihleli esikhwameni zizoqhubeka zingayikhokhi intela kodwa izimali ezikhishwa esikhwameni zona zizokhokha intela .
UNgqongqoshe ugcizelele ukuthi amalunga esikhwama sezimpesheni ayothola emalini yesikhwama sokonga (retirement savings component) ngaphambi kwesikhathi sawo somhlalaphansi bese kuthi lena ehleli esikhwameni sezimpesheni (retirement component) yona iyohlale ivikelekile. Kanti amalunga ayovunyelwa ukuthi ayithole kanye lemali yempesheni. SANews.gov.za

