Inhlangano iHouse of Ndlunkulu isingathe Amabutho Men’s Conference

Inhlangano iHouse of Ndlunkulu inikeze amadoda ithuba elingandile lokuthi axoxe ngezinkinga ahlangabezana nazo empilweni kanye nokumaketha amabhizinisi awo

SHEILA MHLONGO

USane Ndlunkulu wase Clermont, ongumsunguli wenhlangano iHouse of Ndlunkulu, usingathe inkomfa yamadoda (Amabutho Men’s Conference), ngoMgqibelo womhlaka 17 Febhuwari 2024,e Pinetown Premier Splendid Hotel.

Ekhuluma nephephandaba lomphakathi iKZN Namuhla, uSane uthe, lenkomfa ibithanyelwe abesilisa abasemazingeni ehlukene empilo futhi abebevela emikhakheni eyehlukene ngokomsebeni okubalwa phakathi kwabo osomabhizinisi, kanye nabaxhasi okubalwa,  uSthe Kunene MBW Pinetown, Sihle Mchunu Imbumba MCC motorbikers, Sandile Makhanya aka Flymotion, Thabiso Kweyama we Black Magic Security, kanye no-Mr Rider Car Rentals.

Ngokusho kuka Sane uthe inhloso yalenkomfa ukunikeza abantu besilisa ithuba lokuthi nabo bagonyuluke mayelana nezinkinga abahlangabezana nazo empilweni njengoba isikhathi esiningi abavamile ukuthola ithuba lokuthi balalelwe kunalokho bahlezi begxekwa ngamaphutha abawenzayo, kodwa kungekho nozihluphayo ukuzwa uhlangothi lwabo ukuthi bona bazizwa kanjani ngaphakthi kubo.

“ Lenkomfa ibididiyele abantu besilisa abebevela emazingeni ehlukene empilo kanye nasemkhakheni eyahlukene ngokomsebenzi ngenhloso yokuthi banikezwe ithuba lokubonisana ngezinkinga zabo, baphinde bakhane, ngokunjalo bamakethe amabhizinisi kanye nemikhiqizo yabo.” Kusho uSane.

Eqhuba uSane uthi abanye abantu besilisa bakhula bengenabo obaba noma umuntu wesilisa abangabukela kuye empilweni. “Ngiyakholelwa ukuthi nabo bayadinga ukuthi balalelwe , futhi nginethemba lokuthi ngonyaka ozayo lizobe liphezulu izinga lokwethanyelwa kwalenkomfa, ukuze sikwazi ukushintsha izimpilo zabantu besilisa, silethe injabulo emakhaya.

Kulenkomfa kube nezinkulumo ezimayelana nokukhulisa abantu besilisa njengokuthi bakwazi ukuzihola ingaphakathi labo ngalokho okusuke kwenzeka emzimpilweni zabo, indlela yokusungua ibhizinisi kanye nokunqoba izingqinamba,ukuxwayiswa kwentsha yesilisa mayelana nokuziqhelelanisa nokusebenzisa  izidakamizwa, kanye nakuzenzo zobugebengu, kanye nokuqwashisa mayelana nezenzo zokuhlukumeza ezibhekiswe kubantu besilisa, ezimayelana nokuhlukunyezwa ngokomoya kanye nalezo ezenziwa umphakathi , okuhlanganisa  ezenzeka ebudlelwaneni bothando.

Ngokusho kuka Dktl. Dlamini Mzimba Okhala Imali uthe  abesilisa baphinde bakhuthazwa ngokuthi kumele bazi ukuthi nakuba behlangabenzana nezinkinga empilweni kodwa lihlale likhona ikhambi                             . Uthulani Gamede yena uthe izimo zepolitiki nazo zibasizile abesilisa ukuthi benze ngcono emiphakathini yabo, kodwa wabakhuthaza ukuthi bangafeli ngaphakathi uma benezinkinga, kodwa bacele usizo.

Ephetha uSane ubonge bonke abaxhasi abenze inkomfa yamadoda yaba impumelelo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *