UBlesser ongumsunguli wama- Online Radio Awards ucela uxhaso

SHEILA MHLONGO

Igama lami nguNkosikhona “Blesser” wakwaNcama (25) ngowase Pietermaritzburg Elandskop Emaswazinii umqali nomqondisi wama-ONLINE RADIO AWARDS

Lapho siklomelisa abasakazi abasebenza kuma Online Radio kanjalo nawo uqobo ama Online Radio Stations

Ngifisa ukudlulisa ukubonga okukhulu kubo bonke ababambe iqhaza ekwenzeni umcimbi wethu wama-Online Radio Awards 2023/24 ubeyimpumelelo kusukela kusewumbono, umsebenzi omningi kuze kuzofika kulolu suku lwangomhlaka 24 February  Ngifisa ukubonga kakhulu kuZweli Mabaso esabambisana naye kusuka ekuqaleni ngimhlupha ngezinto eziningi engicathulisa ngemibono wangakhathala yimi 

Lona bekungumcimbi wethu wokuqala wama-Online Radio Awards.   Ngaphambi kokujoyina iVibe Fm ngisebenzele iziteshi ezimbili zika online ngakho ngiyakwazi ukusebenza kanzima bese izithukuthuku zakho ziphelele eboyeni, ngiyakwazi ukubukeleka phansi kwabasakazi bama-online radio. Uma ubhekisisa manje yizo iziteshi zika-online ezisematheni. Inhloso yalokhu ukuphakamisa nokukhuthaza abaphathi nabasebenzi kanjalo nabalaleli bama online radio stations, ukubakhumbuza ukuthii sikhona siyabalalela futhi siyabathanda. 

Angiphinde ngithathe leli thuba ngibongele abahlomulile uSfanelo Brilliant Sithole (Best Radio 90.9) uzihlomulele ngendondo ye-Best News/Sports Reporter. Nakuba i-radio 4000 ihlabane ngendondo ye-most popular Online Radio station, i-INK Media fm ibikhonya njengoba ivele kwi-top 3 emikhakheni emine yase ifaka emgodleni izindondo ezintathu, uLungile Mdletshe eqoqa ezimbilii eye-best female  online radio presenter kanjalo neyohlelo oluhamba phambili i-best online radio show kanti uzakwabo uThami Dlamini ulifakile naye igama lakhe emlandweni ehlomula nge-best male online radio presenter. Intuzuma fm yona ihlomule ngendondo ekhethekile ye-most resilient online radio, kulomkhakha bekungavoti abalandeli. 

Siyafisa ukuthola uxhaso ikhule lento ibenkulu isabalale iSouth Africa yonke kungaseyona intoyase-KZN kuphela kuphinde futhi sikwazi ukuklomelisa nophyme isbili nesthathu, imklomelo enesisindo esinyonywana.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *