SBU MAMBA
Impofana iKaizer Chiefs izogadulisana ne Orlando Pirates emdlalweni we Dstv Premiership owaziwa nge Soweto Derby e FNB Stadium ngoMgqibelo
ngo 15:30 ntambama.
ISoweto Derby ifika nje izinto azihambi kahle eqenjini leChiefs abalandeli abeneme ngemiphumela nendlela edlala ngayo iChiefs kulezinsuku , ubuthunthu phambi kwamapali abagadli bayashweba nebhola elidlalwa ibamba lomqeqeshi waMakhosi uCavin Johnson alikho ezingeni eliphezulu.
Umlandeli weKaizer Chiefs u Man uthi akulahlwa mbeleko ngakufelwa uthi abakalilahli ithemba nge Chiefs kodwa kuze leliqembu libuyele ezingeni lalo lokudlala nokuwina izicoco umnikazi weqembu uKAIZER MOTAUNG uyena ofanele anyuse amasokisi abuyise isithunzi saleliqembu elikhulu elidume ngokuwina izindebe njalo ngesizini.
Lomlandeli ohlezi esezinkundleni uma kudlala iChiefs uthi uma kuphela lesizini uMotaung kuzofanele aqashe umqeqeshi omusha osemkantshubomvu futhi onomlando wokuwina izicoco hhayi imfundamakhwela bese uMotaung ekhipha isamba semali kuthengwe abadlali abonohlonze ikakhulukazi abagadli.
Kanti inkakha uPollen Ndlanya owaba nenhlanhla yokudlalela iChiefs ne Pirates uthe noma kubukeka ngathi Pirates izozigwazela ibhece kulomdlalo ifomu ayisebenzi kuSoweto Derby uthe iqembu elizozimisela ilona elizonqoba lomdlalo , uthi uma iChiefs ingawuwina lomdlalo izobuyelwa ukuzethemba.

