

Amakhansela amasha kaMasipala weTheku eseqalile ukubhaliswa eMoses Mabhida Stadium kulandela ukhetho loHulumeni Basekhaya lwamhla zizi-4 kuNovemba 2026. Lolu hlelo luyisinyathelo esibalulekile sokulungiselela ukusungulwa ngokusemthethweni koMkhandlu omusha, ukuze amakhansela akwazi ukwenza imisebenzi yawo yokuphatha, ukuqapha ukusebenza kukaMasipala nokuletha izidingongqangi emphakathini.
ETHEKWINI: UMasipala weTheku usuqalile uhlelo lokubhalisa amakhansela asanda kukhethwa okhethweni loHulumeni Basekhaya obelubanjwe mhla zizi-4 kuNovemba 2026. Lolu hlelo luqhubeka eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
UMkhandlu omusha kaMasipala uzoba namakhansela angama-223, okuhlanganisa amakhansela amawadi ayi-112 kanye namakhansela ayi-111 akhethwe ngokohlelo lokumelwa kwamaqembu ngokwesilinganiso samavoti (Proportional Representation – PR).
Ukubhaliswa kwamakhansela kuhloswe ngakho ukuqinisekisa ukuthi wonke amalungiselelo okuphatha ayaphothulwa nokuthi amakhansela athola ulwazi ngezinqubo zokusebenza kukaMasipala ngaphambi komhlangano wokuqala woMkhandlu omusha.
Lo mhlangano kulindeleke ukuthi ubanjwe ngoLwesibili, mhla zingama-24 kuNovemba 2026, lapho amakhansela ezofungiswa khona ngokusemthethweni, kuphinde kukhethwe iMeya kanye noSomlomo woMkhandlu.
IMenenja kaMasipala weTheku, uMnu Musa Mbhele, ithe uMasipala uzibophezele ekuqinisekiseni ukuthi uguquko lokungena kobuholi obusha luhamba ngendlela ehlelekile, ngaphandle kokuphazamisa ukuhlinzekwa kwezidingongqangi emphakathini.
“Ukubhaliswa kwamakhansela kuyisinyathelo esibalulekile ekusungulweni koMkhandlu kaMasipala ozokwazi ukusebenza ngokugcwele. Njengabaphathi bakaMasipala, sinomsebenzi wokuqinisekisa ukuthi wonke amalungiselelo adingekayo ayenziwa ukuze abameleli bomphakathi abasanda kukhethwa bakwazi ukuqala imisebenzi yabo ngaphandle kokubambezeleka,” kusho uMbhele.
Ugcizelele ukuthi ukungena kwesikhathi esisha sobuholi bezepolitiki ngeke kuphazamise ukusebenza kwezinsiza ezibalulekile ezitholwa yizakhamuzi.
“Ngesikhathi kusahlelwa ubuholi obusha bezepolitiki kuMasipala, abaphathi bakaMasipala bayaqhubeka nokwenza imisebenzi yabo. Okuhamba phambili kithi ukuqinisekisa ukuthi ukuhlinzekwa kwezidingongqangi kuyaqhubeka, kugcinwa ukuphatha ngendlela efanele, futhi uMkhandlu omusha uthola ukwesekwa okudingekayo,” kuchaza uMbhele.
Umhlangano wokuqala woMkhandlu uzophawula ukuqala kwehlandla elisha leminyaka emihlanu lokubusa kohulumeni basekhaya.
Kulindeleke ukuthi amakhansela amasha abeke eqhulwini ukuthuthukiswa kokulethwa kwezidingongqangi, ukwakhiwa nokulungiswa kwengqalasizinda, ukusimama kwezimali zikaMasipala, ukukhuliswa komnotho kanye nokuphatha okusabela ngokushesha ezidingweni zomphakathi.


