Ugwetshwe iminyaka engu 20 owabulala isisulu ngesikhathi sembhikisho ka July 2021

SHEILA MHLONGO

Umlisa oneminyaka engu 34 uMnu. Joel Pillay ugwetshwe iminyaka engu 20 edonsa ejele ngecala lokubulala alenza ngesikhathi iKwaZulu-Natali ihlaselwe izibhelu zokucekelwa phansi kwamabhizinisi okwenzeka ngo Julayi 2021, lapha KwaZulu-Natali. Lomlisa onguPillay ugwetshwe eNkantolo eNkulu ese Scottsburgh, ngoLwesithathu lomhlaka 27 Mashi.

Oyisikhulumi se National Prosecuting Authority (NPA) okuwuphiko lwezokushushiswa kwamacala , uNatasha Ramkissono-Kara, uthe uPillay utholwe enecala lokubulala uMnu Lindani Mthethwa , lokhu okwenzeka ngesikhathi umufi ezihambele esitaladini saseVeulam, kanti uPillay wabe edlula eduze kwakhe ngemoto.

“ UPillay owabe eshayela imoto yenkampani yonogada ebhaliwe, wadlula maqede wabuyela emuva eseseduze kukaMthethwa wabe esehlisa iwindi maqede wakhipha isibhamu wadubula umufi owaphelela khona lapho endaweni yesigameko.” Kuchaza uNatasha.

Uphiko lwezokushushiswa kwamacala luncome kakhulu umsebenzi omuhle owenziwe abashushisi kanye nezinye izinhlaka ngokuthi bamthole enecala uPillay. Obemele umbuso kube uAdvocate Thabani Buthelezi okunguye obeqhuba ubufakazi kwalabo abazibonela ngamehlo ngesikhathi kwenzeka lesigameko sokubulawa kukamufi.

Yethula isigwebo inkantolo ithe ukugudluka ekukhipheni isigwebo sikadilika jele ngenxa yokuthi ithole ukuthi uPillay ubeqala ukwephula umthetho. Igweba uPillay inkantolo ithe akafanele neze ukuphatha isibhamu.

Kuzokhumbuleka futhi ukuthi babalelwa ku 350 abantu ababulawa ngesikhathi kuqhubeka izibhelu zokucekelwa phansi kwamabhizinisi lapha KwaZulu-Natali kanye naseGauteng. Kanti ibalelwa ngaphezu kuka R50 billion wamarandi imali eyalahleka ngenxa yalezibhelu okwashiya isimo esimbi kakhulu kwezomnotho kwaze kwalahleka nemisebenzi ebalelwa ngaphezu kuka 2million.

Umndeni kamufi uMthethwa ubukhona enkantolo ngesikhathi sokukhishwa kwesigwebo sikaPillay, kanti udadewabo kamufi unconywe umsizi wenkantolo uThandeka Mofokeng ngomsebenzi wakhe omuhle  wokuqoqa izitatimende mayelana nokufa komfowabo, nakho okushiye umndeni usosizini olukhulu  kwezezimali.SANews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *