Injabulo kuDJ Sbu ethola inkontileka yokusakaza kwiRadio 2000

SHEILA MHLONGO

Injabulo ku DJ Sbu ebuyela emsakazweni emva kokuthi eke wathi khumu kulendima, yezokusakaza, maqede wazisungulela ibhizinisi lakhe lesiphuzo esaziwa ngeMofaya energy drink.Kuleminyaka engasekho emsakazweni uke waba isilomo ngenxa yokusebenza kwakhe ngokuzikhandla ebonakala ezidayisela isiphuzo sakhe ezitaladini, saze sagcina singena nasezitolo.

Kuningi obekukhulunywa mayelana nendlela abebonakala eyiyo ngenxa yokushiya intshebe kanye nezinwele ezimahliphihliphi ekhanda ama dread phela obekumenza abukeke efana nesihlupheki esiphelelwe ushatini.

Nokho kwabaningi ubelokhu eyisilomo ethathwa njengosomabhizinisi onesibindi, kodwa kamuva kwethuke abaningi uma esememezela izindaba zokuthi usesayinde inkontileka yokusebenza esiteshini esingaphansi kweSABC iRadio 2000 lapho eqhuba khona uhlelo lwasekuseni kusukela emva kancane kwehora lesithupha elibizwa nge No Name Breakfast Show.

Nakuba bekukhona abamhalaliselayouDJ Sbu ngokubuyela kwakhe emsakazweni kodwa kukhona labo abebemgxeka bembona njengegwala elehlulekile ebhizinisini lanquma ukuyoqashwa kanti abanye abantu bancome ukuzithoba kwakhe ukuthi akwazi ukuzehlisa.

Nokho asethembe ukuthi ukubuyela kwakhe kwezokusakaza kuzowenza umehluko empilweni yakhe kuphinde kukhuphule nesibalo sabalaleli bohlelo lwakhe kwi Radio 2000.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *