UMnyango wezeMpilo wethule uhlelo lokusabalalisa umkhiqizo wokusiza ukuvikela ukukhulelwa kwezingane

SHEILA MHLONGO
UMnyango wezeMpilo kuzwelonke wethule uhlelo lokufaka imishini (Vending Machines)
ethwala imikhiqizo efana nama khondomu, imidayipho (pads) izinto zokuhlola ukukhulelwa
kanye nezinto zokuhlola i-HIV (HIV test) konke lokhu kuzotholakala mahhala. Loluhlelo
uMnyango wezeMpilo ulwenza ngokuhlanganyela nenhlangano engenzi inzuzo ngenhloso
yokuvikela ukukhulelwa kwezingane kanye nokusuleleka ngegciwane le HIV.

Ngokwesitatimende esithunyelwe abezindaba sithi UMshini wokuqala wethulwe
ngoLwesithathu lomhlaka 10 Ephreli 2024 eHub of Hope eMthatha, kanti ngokusho
koMphathi u wohlelo lwe TB HIV Care’s Programme uJenny Mcloughlin uthe, iTB
HIV Care iyona ezokweseka ukuthengwa kanye nokusabalalisa eminye imishini
eyisikhombisa (7) e-Eastern Cape kanye naKwaZulu-Natali, ezinyangeni ezimbalwa
ezizayo, okuzodlulela nakwezinye izifundazwe ezweni lonke.
Loluhlelo lubhekela ukusiza izingane zamantombazane, abesifazane, kanye
nezingane zabafana ngokunjalo nentsha yesilisa. Ngakho imishini (vending
machines) izosiza kakhulu izingane zamantombazane ngoba azithandi ukukhulelwa
okungakho zisondezelwa lemishini ukuze kube lula ukuzithathela izinto zokuvikela
ngaphandle kokuthi ziye emitholampilo.
Loluhlelo lokusabalalsiswa kwemikhiqizo yezempilo luhambisana ne Technology
ngoba kusetshenziswa amafoni, App kanye nama Vending Machine, luphinde lufake
nemithi efana ne Prep, kanye nama ARV’s, okuhloswe ngakho ukuthi kuncishiswe
olayini abade basemitholampilo, luphinde linciphise nezindleko zokugibela.Lunikeza
abantu ithuba lokunakekela izimpilo zabo, luze lwedlulele nasekusizeni abantu
abathandana nobulili obufanayo (LGBTQ)
Lemishini ixhaswe abe Centres for Disease Control and Prevention ngaphansi kwe
TB HIV Care ukuze lusize ukubhekela ezempilo iphinde yandise ukutholakala kalula
kwemikhiqizo edingwa abasesikhathini kanye nesetshiselwa ukwenza ucansi
oluphephile kubantu abasha

Lomcimbi wokwethulwa kweVending Machine ubuhanjelwe iMeya yase OR
Tambo District: Cllr M Ngqondwana; Acting DDG: HIV/AIDS, TB and MCWH:
Mr R Morewane; Deputy Minister of Health: Dr S Dhlomo, MP; MEC for Health:
Mrs N. Meth; Executive Mayor KSD: Cllr N Nelani; Deputy Director for
Programs at U.S. Centers for Disease Control and Prevention, Rayna Taback-
Esra; and special guests from the World Health Organization and other
partners.
loveLife’s call centre number is: 083 323 1023

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *