

SHEILA MHLONGO
Abafundi basezikoleni zasemakhaya bakuthola kunzima ukufinyelela ezikoleni ngenxa
yebanga elide abalihambayo okudala ukuqhela kwezikole emakhaya abahlala kuwo, kanti
nezinto zokuthutha nazo ziyindlala. Kodwa ke abafundi ababalelwa ngaphezu kuka 40
baseningizimu yeKwaZulu-Natali bona bahlabene ngomnikelo wamabhayisekile avela
kwinhlangano engenzi inzuzo iSerenity Hill, ngaphansi kohlelo lwayo lwe Sweetbike
Community Project.
ISweetbike Community Project falls ingaphansi kohlelo lwe Serenity Hills Skills Upliftment
Center esungulwe ngomnikelo wenhlangano yamazwe kanye Swiss entrepreneurs, yeWenger
family ngonyaka ka 2015. USam Wenger onguMphathi Jikelele weSerenity Hills wenza
isiqinisekiso sokuthi izinhlelo zokuthuthukisa umphakathi wase Margate ziyaqhubeka
UAyanda Masengeni oyi Associate Director ye Serenity Hills uyena obhekela uhlelo
lweSweetbike project. Esho uthi into ebaluleke kakhulu ukuqinsekisa ukuthi izingane
ziyafinyelela ezikoleni ngesikhathi. Inhlso ukubona izinga eliphezulu lokuphasa kwabafundi.
Lomnikelo wamabhayisekile angamasekeni uvela kwizakhamizi zase Europe bese
uthunyelwa ngomkhumbi lapha eSouth Africa.Uma efika lapha akhandwa kabusha kwi
Sweetbike Workshop eyingxenye yeSkills Center eSerenity Hills, lapho kuqashwa khona
kuphinde kuqeqeshwe amalunga omphakathi wasendaweni, okuthi angalungiswa
amabhayisekile anikelwa ezinganeni ezifunda ezikoleni ezingaphansi kwesifunda iRay
Nkonyeni.
Kamuva kusanda kunikelelwa izingane zesikole
uMlonde High School eLamonti kuMasipala iRay Nkonyeni.Kanti abalelwa ku 2,300
amabhayisekile anikelwe ezikoleni , abafundi banikelelwa ngama helmet okubavikela.
Abathola umnikelo kuya ngobude bebanga abalihambayo, isimo sekhaya lomfundi, isimo
sezimali , kanye nendlela umfundi aziphethe ngayo esikoleni.
UMasengeni uthi inhlangano yabo ihlelo ukwelula lomnikelo uze ufinyelele nase Eastern
Cape.
For regular updates, follow @serenityhillsecoestate on Facebook and Instagram.

