
SHEILA MHLONGO
IHhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natali selikhiphe isitatimende esizwakalisa ukudumala kwalo mayelana nodaba lwezinsolo zokuxoshwa kweNyosi yeSilo uMisuzulu kaZwelithini, okungu Mnu. Buzetsheni Mdletshe. IHhovisi likaNdunankulu likhiphe lesitatimende ngoba liphika izinsolo ezingelona iqiniso ukuze abantu baqonde ngokwenzekile.
Sichaza isitatimende sithi uMnu. Mdletshe wabe eqashwe uhulumeni wesifundazwe kwaze kwaba ufika eminyakeni engu 65 yokuthatha umhlalaphansi ngomhlaka 31 Disemba 2020, wakhokhelwa zonke izimali zakhe ngomhlaka 2 Januwari 2021.
Ngenxa yesicelo seSilo esesakhothama Inkosi uZwelithini kaBhekuzulu kwabe sekwenziwa inkontileka yeminyaka emibili okwakungaphezu kweminyaka yokusebenza esemthethweni ngenhloso yokuthi akwazi ukuqeqesha Inyosi entsha ngesikhathi eqhubeka ehaya Isilo.
Siqhuba isitatimende sithi inkontileka yaqala ngomhlaka 1 Januwari 2021 yaze yaphela ngomhlaka 31 Disemba 2022. Umthetho we Public Service Act uvumela ukuthi kwelulwe inkontileka ngeminyaka emibili kuphela emva kokuthi umsebenzi eficwe isikhathi somhlalaphansi.
Ngesikhathi sokuphela kwenkontileka eyisengezo kaMnu Mdletshe kwabe sekuqokwa abahayi beSilo ababili okungu Mnu Mkhize kanye noMnu Mtshali okuyibo ababeqeqeshwe uMdletshe, baqokwa ihhovisi likaNdunankulu, ukuze bahaye Isilo.
Emva kwenkontileka yeminyaka emibili kaMdletshe kwabonakala sengathi usadingeka umsebenzi kaMdletshe wabe eseqashwa ngaphansi kwenkampani yakhe iMafavuke (PTY) LTD. Ngenxa yesimo sezimali esingesihle nokuthi kwabe sekuvele kuqokwe uMnu Mkhize naye owabe ekhokhelwa ihhovisi likaNdunankulu, kwabonakala ukuthi ukuphindana komsebenzi ukuba khona kukaMdletshe ukuthi benze umsebenzi owodwa noMkhize.Kwabe sekudingeka kuphungulwe izindleko kuhulumeni ukuze kungamoshwa imali kungenasidingo.
Siqhuba isitatimende sithi uma kwenzeka kubonakala ukuthi umsebenzi weNyosi uMdletshe usadingeka wokuthi ahaye Isilo usengamane aqashwe ngaphansi kweZulu Royal Trust okuyingxenye yophiko lukahulumeni. UHulumeni waKwaZulu-Natali uyahlonipha iqhaza lobukhosi besizwe futhi liyoqhubeka nokweseka Indlu yobuKhosi kanye neSilo Samabandla.

