
Lowo owabe enguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma usazoqhubeka nokuba ubuso beqembu loMkhonto Wesizwe Party, njengoba inhlangano ebhekele ezokhetho kuleli (IEC) isize yawahambisa ngisho amaphepha okuvota (ballot papers) ukuba ayogaywa. Nokho akwaziwa mbhantshi kujiya ukuthi kuyokwenzakalani uma ngabe iNkantolo yoMthethosisekelo (Constitutional Court) kungenzeka ikhiphe isinqumo esiphikisa ukuthi uzuma amele leliqembu leMK Party.
Lokhu kuza emuva kokuthi inhlangano emele ukhetho kuleli (IEC)ihambise isicelo esiphuthumayo ngoLwesihlanu lomhlaka 10 Meyi, esiphikisa ukuthi uZuma amele iqembu leMK Party ekubeni inkantolo yokhetho yavuna uZuma . Kulokhu isinqumo okwamanje sisagodliwe.
Ngokwesigaba somthetho (Section 47 of Electoral Act) siyaphikisana nokuthi umuntu ogwetshwe izinyanga ezingu-12 noma ngaphezulu edonsa ejele avunyelwe ukuthi abe ilunga lePhalamende.
Nakuba ngabe isiphi isinqumo esiyokhishwa iNkantolo yoMthethosisekelo , i-IEC ithe uZuma ubhaliswe njengomholi weMK Party futhi uzoqhubeka abe ubuso be bayo emaphepheni okuvota.
Nokho abantu baseNingizimu Afrika ibona abayozikhethela ukuthi ngabe uZuma ufanele yini ukubahola , njengoba yena wathi uzongenela ukhetho luka 2024, ngoba kusekhona ahlose ukukufeza.
Kuzokhumbuleka futhi ukuthi emva kokuthi uZuma ememezele izindaba zokuthi usezokhankasela iMK Party kubonakale kuba nenqwaba yabantu ejoyina leliqembu elisha, okuyiningi labo livela kwiqembu elibusayo. Lokhu okudale ukuthi kube nokwesabela ukuthi leMK Party ingase iwamise kabi amaqembu afana nayo iANC, IFP kanye ne EFF ebibonakala ikhula ngesivinini ezingxenyeni eziningi zezwe.
Ngokubona isivinini eza ngaso iMK ikakhulukazi lapha KwaZulu-Natali kanye nakwezinye izingxenye zezwe iqembu le ANC libe selikhipha abaholi abaphezulu okuhlanganisa ngisho uMengameli wayo uMnu Ramaphosa ukuthi baphume bengena banxenxe amavoti.
Usuku lomhla wokhetho ilona oselubhekwe ngamehlo abovu ukuthi kazi iyozala nkomoni phakathi kwezikhondlakhondla zamaqembu ezepolitiki . Kwazi bani mhlampe ayohlangana abumbe uhulumeni oyedwa.

