Ukulunga komuntu akubona ubuphukuphuku

Ngiyabingelela sizwe sakithi , bantu bakithi ayikho into enhle kulomhlaba njengokulunga komuntu kodwa asoqaphela singakusebenzisi njengamathuba okumdelela osibonise ukulunga . Akekho ongacasuki akekho ongadeli yingakho kwamele siqaphele ukungadli ngokulunga komuntu . 

Abaningi sebeyakwesaba ukumsiza umuntu ngenxa yalaba abathi sebesizakele bajike balume lesosandla esibasizile , ekugcineni ubuntu buyaphela kubantu ngoba yiloyo naloyo ubalekela ukulinyazwa ngemuva kokusiza umuntu . Sigcina sihlupheka besibhekile kubenzima ukusizakala ngoba abantu basaba ukuphoxeka emva kokusiza umuntu . Ukulunga komuntu akubona ubuphukuphuku . 

Obhalayo umfundisi Katlego Nare 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *