Oqokelwe kwesobuNdunankulu kwiRise Mzansi uthi bazoqinisa kakhulu kwezokuphepha nakwezempilo

ZETHU PHOSWA

NAKUBA amaqembu nezinhlangano zezepolitiki ziqophe umlando  kulolu khetho oluzokuba mhla ziyi-29 kuNhlaba  (May), ngenxa yesibalo esiphezulu samaqembu ezepolitiki angenele ukhetho selokhu iNingizimu Afrika yathola inkululeko, kwaqala kwanikwa nabantu abanyama igunya lokuvota, kodwa inhlango i-Rise Mzansi ezokuba ingenela okokuqala ukhetho, ithi izowudla umhlanganiso KwaZulu Natal.

UNkk Nonkululeko Hlongwane-Mhlongo (37), okunguyena oqokelwe kwesobuNdunkankulu, kwinhlangano Rise Mzansi (RM), uthi bona bezowudla umhlanganiso kulolu khetho, njengoba befolosa ngentsha, futhi bezoqinisekisa ukuthi ezokuphepha ziqinile, ezempilo, ezemfundo nokudala amathuba emisebenzi.

“Sizoqinisekisa ukuthi ezokuphepha ziqinile njengoba lesi sifundazwe sigcwele ubugebengu osebuyinsakavukela nenkohlakalo enuka phu. Sizobheka ezempilo ukuthi zisebenze ngaphansi kukahulumeni hhayi lento yamathenda eyenzelwe ukuhlomulisa abantu abathize . Sizoqinisekisa ukuthi imfundo isezingeni eliphezulu nokunika abafundi imfundo yamahhala. Sizoqinisekisa ukuthi sifundisa abantu ngokuzenzela imisebenzi nokuthi sidale amathuba emisebenzi, kuphele ama-ejenti,” kubeka uNkk Hlongwane-Mhlongo. 

Uthi kulesi sifundazwe abaholi abaphethe sona kabandaba nabantu okuyibona ababavotele, ukuze babe kulesi zikhundla abakuzo.

“Labaholi beqembu elibusayo kabakwazi ukubeka abantu phambili, kodwa babeka izisu zabo. Bazi ukulwa bodwa, bagcwele inkohlakalo yokukhwabanisa. Abantu abaswele baswela kakhulu. Lesi senzo sabo sigcina imiphakathi igcwele intukuthelo nenhlupheko. Yikona okwenza abantu bagcine sebekhipha intukuthelo yabo kwizizinda ezibalulekile neziwusizo kubona, ngoba abalalelwa,” kubeka uNkk Hlongwana-Mhlongo.

Uthi kulesi sifundazwe kakukho ukulingana, kugcwele ubandlululo nodlame, kodwa abantu uma sebekhankasela ukuvotelwa bayakwazi ukuzenzisa ekubeni, behlulekile kuleminyaka eyi-30 edlulile.

“Lokhu kuzenzisa kwabaholi abahleka inhlinini phambi kwabavoti, yikona okwenze ngajoyina inhlangano yepolitiki i-Rise Mzansi. Ngiphinde ngavumela phezulu ukungenela esokuba nguNdunankulu weqembu, KwaZulu-Natal. Sesikhathele ukuholwa imidododvu yamakhehl;a nezalukazi, abacabanga ngezisu zabo kuphela. Le midodovu iyilahlela le kude intsha, iyakhohlwa ukuthi intsha yiyona engabaholi bakusasa, futhi kabaziqondi nezidingo zentsha,” esho kanje.

IRise Mzansi iqembu elisha lezepolitiki elethulwe ngokusemthethweni ngo-19 April 2023.

Liyiqembu eliholwa owayeyintatheli, futhi owumbhali wezincwadi, uMnumzane Songezo Zibi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *