


SHEILA MHLONGO
UZuma uthole ithuba eliyingqayizivele lokukhipha okusenhlizweni yakhe kulenkulumo phakathi kwakhe nentatheli yeNewzroom405,nokulapho ekhulume khona ngezinto ezahlukene kusukela odabeni lomuzi wakhe, elokuboshwa kwakhe, ubulunga bakhe kwi ANC kanye nodaba lweMK Party.
“Yebo iwona umuzi wami lona wezimanga okuthiwa wadla isamba sika R250 million, angazi ke wena nkosazane ukuthi uwubona ufanelwe ilemali engaka kodwa mina engikwaziyo umuzi lona ngazakhela wona ngemali yami ngihlangene namadodana abafowethu.” kusho uZuma.
UZuma nentatheli ye Newzroom, baqale inkulumo yabo behamba hamba ngaphandle komuzi ukuze nentatheli izibonele ukuthi lezizumbulu zama million okukhulunywa ngazo ingabe ziwufanele ngempela yini lomuzi.
Enkulumeni yakhe uZuma ebihambisana nohleko uqale wakhuluma ngesikhathi lapho iNingizimu Afrika yathola inkululeko kwaqala kwaba nokuhlelwa kwezikhundla okwaphetha ngokuthi yena aze lapha KwaZulu-Natali azolamula izimpi zodlame lwezepolitiki wagcina esenguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho.
UZuma uqhube wathi emva kwalowo owaba uMengameli wokuqala wentando yeningi uMnu Nelson Mandela kwabe sekulandela uMnu Thabo Mbeki esikhundeni sokuba uMengameli wezwe kwathi yena waba iPhini lakhe kodwa wabuye wakhishwa esikhundleni uMbeki nakuba engasishongo isizathu.
Khona manjalo uZuma ubuye wakhuluma ngesikhundla sikaMbeki njengoMengameli wezwe ukuthi yena wakwazi ukuqeda ihlandla lakhe lokuqala nelesibili okuyinto vele okwakuvunyelwene ngayo ngaphakathi ku ANC.
Mayelana nodaba lokunqaba ukufakaza kwikhomishana kaJaji Raymond Zondo, eyabe imayelana nokubhozonyelwa kombuso abomndeni wakwaGupta; uZuma uthi kuyiphutha ukuthi wenqaba ngoba yena into angezwananga nayo ukuthi afakaze phambi kukaZondo ngoba wayebona ukuthi angeke akhululeke, kunalokho wamtshela uZondo ukuthi kungangcono agudluke kubekwe elinye ijaji, kodwa uZondo wenqaba wathi angeke atshelwe uyena ukuthi agudluke.
Mayelana nokugwetshwa kwakhe iNkantolo yoMthethosisekelo uZuma uthi sasingekho nakancane isidingo sokuthi aze ayogwetshwa ilenkantolo ngenxa yokuthi ayikho into ephathelene noMthethosisekelo odabeni lokunqaba kwakhe ukufakaza kuZondo.
Lelicala kwakuyinto nje eyabe ingafakwa enkantolo yemantshi noma kwelinye nje iJaji ngoba kwakungenasimanga kanti futhi nokuthi kwakungamele ukuthi aze agwetshwe izinyanga ezingu 15 ngaphandle kwethuba lenhlawulo ekubeni enganikwanga ngisho nethuba lokuziphendulela enkantolo. Ngakho ukugwetshwa kwakhe kwabe kuyindlela nje yokumcindezela.
Imbuza intatheli ukuthi ingabe kwamphatha kanjani ukugwetshwa kwakhe kanye nokuthi aye ejele.
UZuma uphendule wathi kwamphatha kabi impela wathi, “Empeleni ngangingazimisele neze ukuyongena ejele kwaze kwaba umzuzu wokugcina lapho ngazidela amathambo ngoba ngivikela ukuthi kungagcini kubulawa abantu ababezongeseka lapha ekhaya ngoba ngase ngizwile ngandlebenye ukuthi kukhona ukuthi nami ngibulawe kanye nabantu.” Kusho uZuma.
Mayelana nodaba lombhikisho wokuluthwa kwamabhizinisi ngomhlaka 21 July 2021.
UZuma uthe uhulumeni uyena owachukuluza abantu ngesigwebo sakhe lokhu kwadala intukuthelo okuyinto eyingeke yenzeke ukuba akazange aboshwe.
Mayelana nodaba loMkhonto Wesizwe; uZuma uthi yena akakholelwa ukuthi weba igama loMkhonto Wesizwe, futhi akakaze ebe ifa leANC ngeMK Party.
Echaza mayelana nezinhloso zokusungula iqembu leMK Party uthi ingoba iqembu le ANC liguqukile kakhulu ezimisweni zalo ngakho ufuna ukulungisa lokho, waqhuba wathi yebo impela useyilo ilunga leANC kodwa futhi usasho namanje ukuthi angeke ayivotele.
Eqhuba uZuma uthe akuqali ngaye ukuvotela elinye iqembu ebe eseyilunga leANC, ngoba nabanye bathi bengaphakathi kwi ANC, kodwa bavote neDA, kumanje bavota neDA njengoba nangesikhathi enguMengameli abanye abaku ANC bavota neDA ukuthi akhishwe esikhundleni.
Ngonyaka ka 1961 kwasungulwa uPhiko loMkhonto Wesizwe ukuze kuhlengwe iANC kanye nabantu abamnyama ngakho namanje iMK Party isungulelwe ukuhlenga iANC, nabavoti angeke bayivotele iANC kaRamaphosa.
Akukho okungalungile ngeANC njengeqembu kodwa kukhona into engalungile ngobuholi bayo obukhona njengamanje, awukwazi ukucela uRamaphosa ukuthi anakekele umlando weANC.
INtatheli imbuze ukuthi kwenzakalani nge MK Party naphakathi kwakhe uZuma beno Mnu Jabulani Khumalo;
UMkhonto Wesizwe akukho okungalungile kuwo, awufi kodwa, kunalokho uyakhula. Yebo ngamthuma uKhumalo ukuthi akangisize abhalise iqembu ngoba ngangingafuni ukuvela ngibe phambili.
“Imina engaqoka igama loMkhonto Wesizwe Party, imina futhi ebengiphansi phezulu ngikhuluma nabantu engibaziyo ukuthi bafake imali yokwenza umsebenzi weqembu, kodwa iqembu lona alinayo imali futhi alinabo abaxhasi.” kuphetha uZuma.

